BONISWA MOHALE
NGEKE bawahluphekele amanzi abantu baKwaZulu-Natal njengoba Umgeni Water uveze ukuthi idamu iMidmar, ligcwele liyachichima.
UMnuz Shami Harichunder obhekelele ezokuxhumana eMgeni Water, uthe kuyizindaba ezinhle ukugwala kweMidmar ngoba amanzi ayo azogelezela e-Albert Falls, yona enamanzi awu-32%.
Kulindeleke ukuthi uma ithola amanzi aphuma eMidmar inyuke kancane ibe no-34% wamanzi. Uveze ukuthi iMidmar enamanzi angu-101% izoqinisekisa ukuthi kunamanzi enele eThekwini, uMsunduzi nasezingxenyeni zoGu kulo nyaka kuze kube wunyaka ozayo.
I-Midmar igcine ukugcwala ngokwedlulele ngo-Ephreli wonyaka odlule. Namanye amadamu aseMgeni Water, anamanzi enele ngaphandle kwe-Albert Fall.
Amanzi ami kanje kwamanye amadamu Mearns: 122%, Spring Grove: 61%, Albert Falls: 32%, Nagle: 85% bese Inanda: 92%.
“Izindaba ezinhle lezi kubantu ababhekene nesimo sokushisa, ” kusho uHarinchunder.
Kanti eNyakatho yaKwaZulu-Natal, uMnuz Siyabonga Maphumulo obhekelele ezokuxhumana eMhlathuze Water, uthe idamu iGoedetrouw linamanzi awu-60.7%, lisuka ku-57.8% ngesonto eledlule.
IPongolapoort inamanzi awu-39.8% isuka ku-40.1% ngesonto eledlule, iHluhluwe iku-68.5% ngeledlule ibiku 69.3%.