IMINDENI yezingane ezishone endaweni yokucima ukoma ngempelasonto, Enyobeni, eScenery Park, e-Eastern Cape, ithe izoze ithole ukuphumula uma isitsheliwe ukuthi kwenzekeni ngosuku kwesigameko.
Zingu-21 izingane eziphakathi kweminyaka engu-13 kuya kwengu-20 ezishone kule ndawo ezintatha zangeSonto.
Umndeni womunye wabagilwa, ulandisa abezindaba esiteshini sikamabonakude esikhokhelwayo, uthe ukuphumula uzokuthola uma usuthole izimpendulo.
Umndeni owakubo komgilwa obesenza uGrade 10.
Ilungu lomndeni lithe bayile endaweni yesigameko ekuseni.
“Sifike kugcwele ngaphandle kwaseNyobeni. Satshelwa ukuthi abantu bafuna ukuphuma. Sithe sisuka sasibona omunye umntwana evele ngesingezansi ngaphandle, esingenhla sivaleleke ngaphakathi. Ucele usizo,” kusho ilungu lomndeni.
“Ngithe kuye akanginike isandla sakhe, kuze ngimbambe, sizamile ukumbamba sinomngani wami kodwa bekunzima ngoba bekugcwele abantu ngaphandle nangaphakathi, abanye bewela kubo,” kusho ilungu lomndeni.
Uthe uqaphele ukuthi ngesikhathi embamba ongaphakathi isandla sakhe besiqine kahle kodwa saya ngokuya sithamba.
‘Ngithe uma ngimbheka, ngabona ukuthi amehlo akhe ayakweqa. Ngase ngivele ngiyamdedela ngoba bekucaca ukuthi angikwazi ukumsiza nami,” kusho ilungu.
Uthe bebengakwazi ukuphefumula. Konke lokhu kwenzeke ngezithuba zawo-4.30 ekuseni ngesonto.
Inhlangano i-Eastern Cape Liqour Board inqume ukuyivala indawo yesehlo ngesikhathi kuqhubeka uphenyo ngaso.
Okhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape, uBrigadier Tembinkosi Kinana, izolo uthe okwamanje bekungakabi bikho lutho olusha olutholwe yithimba labaphenyi ngodaba.