I-DA ifuna ukwazi imibandela “yesipho” sikaR370 billion esinikwe iNingizimu Afrika wuhulumeni waseChina ngesonto eledlule.
UMnuz Alf Lees okhulumela iDA kwezomnotho uthe kuleli sonto bazothumela imibuzo ehhovisi likaMengameli nakwelikaNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Nhlanhla Nene ukubuza ngemibandela kaR370 billion ngoba iChina idume ngokudla amachweba uma amazwe esehluleka ukukhokha.
“Sibone imibiko yabezindaba ethi iChina ithembisa ukupha iNingizimu Afrika uR370 billion. Kufanele siyazi imibandela yalesi sipho ngoba ayikho into yamahhala emhlabeni. IChina imatasa izenza uhulumeni olungile, oxhasa amazwe ampofu kodwa inezihloso zayo efuna ukuzifeza. Sibonile eSri Lanka uhulumeni wakhona ebolekwa imali ukuthi athuthukise ingqalasizinda yasechwebeni. Kwathi uma iSri Lanka isihluleka wukukhokha iChina yayiphoqa ukuthi iyinikeze leli chweba,” kusho uLees.
Wenze isibonelo sokuthi amazwe amaningi aboleke imali eChina adlelwa amachweba uma esehluleka wukukhokha noma umhlaba wawo owenza inzuzo.
“Sifuna ukwazi imibandela yemali ezonikwa iNingizimu Afrika. Ngeke sivume ukudlelwa amachweba nomunye umhlaba obalulekile. Sifuna ukwazi ukuthi kuzokwenzekani uma iNingizimu Afrika ihluleka ukukhokha isikweletu saseChina?” kubuza uLees.
Usole uRamaphosa ngokwamukela noma yini eshiwo yiChina ngoba efuna ukuthola u$100 billion wabatshalizimali.
Ephendula amalungu ePhalamende uRamaphosa wakuphikisa ukuthi iChina izocindezela iNingizimu Afrika, wathi zonke izivumelwano ezizokwenziwa wuhulumeni naleliya lizwe ngeke zifihlelwe umphakathi.