ABALINGISI abaqavile befilimu ethi Playing Dad; oSiyamthanda Nxumalo noVincent Mahlape
Image: SITHUNYELWE
UKWANDA kwezikhalo ngamadoda akhulelisa abantu besifazane bese engabe esazondla izingane, futhi angabi yingxenye yempilo yengane kukhuthaze amaciko ukuba asebenzise ubuciko bawo ukukhuza lesi sihlava emphakathini.
Usukele lapho umcabango wefilimu ethi Playing Dad, edidiyelwe yinhlangano engenzinzuzo iHeartliners, ezoqala ukukhonjiswa kwisizindalwazi sale nhlangano, kwiYouTube, SowetoTV nasezindaweni ezehlukene eziqhakambisa ubuciko emphakathini ukusabalalisa umyalezo.
Elandisa ngale filimu, uphrojusa wayo u-Eric Mogale, uthe umcabango wale filimu uze uba kulesi sigaba okusona manje, indaba iqale eminyakeni edlule ngesikhathi yena nethimba asebenza nalo beqala ucwaningo abalubiza nge-Father’s Matter, lapho abebehambela khona ezindaweni ezehlukene emphakathini ukucwaninga ngezizathu ezenza ukuthi kwande izigameko zokugxekwa kobaba namadoda ngenxa yezinto ezingezinhle abazenzayo.
“Besicwaninga futhi sibheka ukuthi yini esingayenza ukuqhakambisa nokubuyisa isithunzi samadoda emphakathini, kwaze kwafika lapho esibona kufanele ukuthi umyalezo wethu siwudlulise ngokuthi senze le filimu ezokhuthaza obaba ukunakekelea izingane zabo nokuthi yikuphi okumele bakwenze nokumele bakugweme."
KUSUKELA kwesokunxele wuVincent Mahlape, Siyamthanda Nxumalo (ogqogqoshiwe), Eric Mogale noNeo Ntlantleng befilimu ethi Playing Dad ephuma ngoLwesihlanu
Image: SITHUNYELWE
“Sihlose nokuthi sidlulise umyalezo ozokwenza ukuthi abafana abasakhula bazi futhi baqonde ukuthi kumele benze kanjani ukukhula bengamadoda aqotho nathembekile, esibona kuzosiza ukuthi kube nenhlakahle nokubambisana ezweni,” kusho uMogale, othe le filimu iphuma kusasa.
ABALINGISI abaqavile befilimu ethi Playing Dad oSiyamthanda Nxumalo, Luyanda Mzazi noVincent Mahlape
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, udalule ukuthi le filimu bayiqophele elokishini iSoweto e-Orlando West, i-Orlando East naseMzimhlophe - kanti izobe igabe ngabalingisi okukhona kubona uVincent Mahlape, Siyamthanda Nxumalo, Neo Ntlantleng noLuyanda Mzazi.
UMogale akamusha ekukhiqizeni amafilimu nemidlalo yethelevishini njengoba esesebenze futhi wabamba iqhaza emidlalweni eminingi esingabala kuyona iYizo Yizo 1, Takalani Sesame, Backstage, Uzalo, Durban Gen, The Wife, Empini neRhythm City.