UKHATHAZEKILE umphakathi waseThornwood ngaseMariannhill ngenxa yezigameko ezinyantisa igazi eseziphenduke umchilo wesidwaba endaweni.
Cishe awupheli unyaka kungazange kwenzeke isigameko esihlasimulisa umzimba kule ndawo nasezindaweni ezingomakhelwane kubalwa iMpola neTshelimnyama.
Esehlakalweni sakamuva, owesilisa waseThornwood ebuye yaziwe ngeSthundu Hills, uMnuz Khulekani Dube (21) unqume unina, intombi, wagwaza nendodana yakhe enezinyanga ezintathu kwasinda ingane yakhe yentombazane eneminyaka emibili.
UDube uzikhungile ngemuva kokuqotha umndeni wakhe. Ngaphambi kwalesi sehlakalo, isoka libulale ingane yentombi lona lashaywa wumphakathi walishisa.
Kwesinye isigameko kunowesifazane owayedukile, isidumbu sakhe esatholwa sigqitshwe ethuneni elingashoni egcekeni lowayeyisoka lakhe owayesehlala nenye intombi.
Kuyinto ejwayelekile kulendawo enemijondolo ukuthi abesilisa babulale abahlalisene nabo bese bebagqiba.
Khona futhi eThornwood, eminyakeni embalwa edlule kuke kwabhoka iqembu lezigebengu, Izintandane elalihlalise lubhojozi umphakathi. Kuyona futhi le ndawo kwake kwakhona insizwa eyayibulala abantu eminyakeni edlule, okwaziwa ukuthi yaphelelaphi.
Abendawo bathi ubugebengu kade baqala kusuka ngeminyaka yama-70 nama-80s.
“Kuqale ngokubanjwa kwenkunzi ngama-70s nama-80s, abantu bephucwa izimpahla bedilika ematekisini njengoba sekubulawana,” kusho uMnuz Zakhele Shozi wakhona eThornwood.
Uthe nasesitimeleni budlangile ubugebengu, abantu babanjwa inkunzi bese bekhishwa ngamawindi isitimela sihamba.
IKHANSELA laku-ward 12, uMnuz Bheki Mfeka indawo yekhe edume ngamacala obugebengu anyantisa igazi Isithombe:GCINA NDWALANE
“Abantu bayazi ukuthi iThornwood, ihamba phambili ezindaweni ezakhele iMariannhill ngobugebengu,” kusho uShozi.
Elinye ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa, lithe bakhathazekile ngobugebengu obusendaweni.
“Enye yezinto ezidala ukuthi budlange ubugebengu wukugcwala kwemijondolo,” kusho ilungu lomphakathi.
Lithe iningi alisebenzi.
“Indawo yethu icishe ifane neGomora neSodoma ngenxa yenzinto ezenzeka khona,” kusho ilungu lomphakathi.
Lithe kuyaxaka ukuthi kungani le ndawo injena ngoba yakhelene nendawo engcwele, ikomkhulu lamaRoma.
Ikhansela lendawo, uMnuz Bheki Mfeka lithe bakhathazekile ngobugebengu.
“Indawo yethu isidume ngezigameko ezithusayo,” kusho uMfeka.
Uthe enye into ebakhathazayo wukuthi izigebengu zisuka ezindaweni zazo zenze amacala bese zizobhaca ewadini yabo.
UMfeka uthe basebezisana kahle namaphoyisa aseMariannhill inkinga nje wukuthi ubugebengu bungaphezu kwabo.
“Sinazo nezinhlaka ezilwa nobugengu emphakathini, ezenza konke okusemandleni ukulwa nobugebengu. Siyathemba ukuthi sizobunqoba,” kusho uMfeka.
Uthe enye into eyinkinga wukuthi banesiteshi samaphoyisa esisodwa saseMariannhill esisebenza izindawo eziningi, okuyiMpola, Tshelimnyama, Nazaretha, Savannah Park, Mariannhill neMariannhill Park.