ISADUVE emahhovisi imoto ebihamba obeyimeya yeTheku eyagudluzwa uNkk Zandile Gumede njengoba kuthiwa iMeya entsha, uMnuz Mxolisi Kaunda ukhethe ukungayithinti.
Isolezwe ngeSonto lingakuqinisekisa ukuthi uKaunda usahamba ngemoto abeyisebenzisa ngesikhathi esawungqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal.
Le moto inezinombolo zaseMgungundlovu kanti ezikaMasipala weTheku ziba nezinombolo ezehlukile eziqala ngoNDM.
UKaunda ufungiswe kwesobumeya ngenyanga edlule emuva kokuhoxiswa kukaNkk Gumede owaqala wagoloza ukuphuma.
Imoto ebihamba imeya ephumile iduve emahhovisi oPhiko lweziNhlekelele kuMasipala weTheku, imithombo ithi selokhu yagcina ukusetshenziswa wuye uNkk Gumede yabekwa
nezinye. Akucaci ukuthi kuzothengwa enye noma uKaunda uzothatha yona yini le endala.
Okhulumela imeya uMnuz Mluleki Mtungwa ukuqinisekisile ukuthi uKaunda ubesasebenzisa imoto yomnyango kodwa hhayi ngoba enenkinga nemoto ebisetshenziswa yimeya ephumile.
“Kusaphele inyanga ingenile imeya esikhundleni kunezinto ezisalungiswa mayelana nokushintsha kwayo, indaba yemoto ingenye yezinto ezilungiswayo.
“Umthetho uyavuma ukuthi aqhubeke asebenzise imoto ngesikhathi kusalungiswa izinto,’’ kuchaza uMtungwa
Uthe lokhu kubhaliwe ebhukwini elikhuluma ngomsebenzi wezikhulu zikahulumeni (Ministerial Handbook). Isolezwe ngeSonto ophenyweni lithole ukuthi bavumelekile abasuke beshintsha izikhundla ukugcina imoto izinsuku ezingu-30.
Okunye okuqaphelekile wukuthi uNgqongqoshe omusha othathe isikhundla esishiywe wuKaunda, uMnuz Bheki Ntuli uhamba ngenye imoto okukholakala ukuthi eyomnyango.
Isikhulu soMnyango wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Linda Mashaba uthe uzoyithumela impendulo usematasa nomsebenzi KwaNongoma kodwa ayizange ifike impendulo.