UMNUZ Vezokuhle Nala ongumhleli weDundee July
Image: Dundee July
KUSEQHULWINI kumhleli womcimbi iDundee July ukubona lo mcimbi udala amathuba omsebenzi uphinde uphephezelisele phezulu ifulegi lezindawo zasemakhaya.
Lokhu uMnuz Vezokuhle Nala weMathole Funerals, ukusho ngesikhathi kunesithangami nabezindaba ebesiseBattleField, eDundee eveza izinhlelo zokulungela ukusingatha lo mcimbi waminyaka yonke.
Uveze ukuthi owamahhashi uzoqala ngoJulayi 19.
UKHUZANI Mpungose ongomunye wabaculi abazonandisa
Image: SITHUNYELWE
UNala uthe njengoba kuntuleka amathuba omsebenzi, kumqoka kakhulu ukuthi kube khona abantu abasizakalayo njalo uma kunemicimbi yalolu hlobo.
Uthe kunabantu abasha abazothola amathuba omsebenzi, wathi ngeke kugcine lapho njengoba kunezinkampani zonogada ezizoqashwa ukuqinisekisa ukuthi umcimbi uhamba ngendlela. Nabaculi uthe ngeke basale ngaphandle nabo bazoqashwa.
''Baningi abantu abahlomulayo ngeDundee July okuyinto vele esifuna ukuyibona yenzeka. Okungihlaba umxhwele wukubona indawo yasemakhaya iba nomcimbi osezingeni ngale ndlela."
UMTHANDENI Manqele ongomunye wabaculi abazobe bekhona
Image: SITHUNYELWE
Mayelana nomcimbi wamabhinca ozokuba kuyona le ndawo, uthe kulokhu babone kumqoka kakhulu ukuthi amabhinca abe nomcimbi oqondene nawo nje ngqo.
Lo mcimbi uzoba ngoJuayi 20. Kuvelile ukuthi abaculi bakamaskandi abazobe beshiyelana inkundla kubalwa uNtencane, Sminofu, Mthandeni, Khuzani, Gatsheni, Mdumazi, Navigator, Mafikizolo, Menzi, Quality.
''Sihlose ukuthi amabhinca azizwe ebalulekile kulo mcimbi wethu waseDundee,'' usho kanje.
Uveze nokuthi kuzohlomula nabalandeli bomculo njengoba kunemiklomelo yemali abazoyithola.
''Kuningi kakhulu okuzothatha amehlo abantu kule Dundee July,'' kuchaza yena.
Udalule ukuthi sekuphele iminyaka eminingi ehlela imicimbi emikhulu wathi usecabanga ukushenxa adedele abanye. Uthe kodwa udinga umuntu okwaziyo ukuhlela imicimbi angaqali into bese eyahluleka wukuyiqhuba ngokuhamba kwesikhathi.
Related Topics: