IMAMELODI Sundowns izithwese umthwalo kwiCaf Champions League idedela amaphuzu amathathu isiwaphethe kulo mdlalo kaGoup C obuseStade 28 Septembre izolo ebusuku.
Umdlalo uphele ngo 2-2 ngemuva kokuthi U-Abbubakar Cabara etholele iqembu lasekhaya igoli lokulinganisa ngemuva kokuthi iSundowns ihambe phambili ngephenathi kaGaston Sirino.
ISundowns isinamaphuzu amabili kuleli qoqo, iHoroya inamaphuzu amane alingana naweWydad Athletic.
Emdlalweni olandelayo iSundowns izobhekana ne-AS Togo-Port ekuhambeni ngoJulay 17. Kumele iwunqobe nakanjani uma izimisele ngokushubisa umbango obheke kuma-quarterfinal. Amaqembu amabili aphezulu yiwona azodlulela phambili.
Isiwombe sokuqala besiphethwe iqembu lasekhaya nokufakazelwe wukuthi kube yilona eliba namathuba angcono okuthola igoli.
Unozinti weDowns uRazak Brimah nguyena owenze umsebenzi omningi emapalini uma kuqhathaniswa nozakwabo kwiHoroya.
Uvimbe amabhola amabi abethunyelwa kuyena kodwa wakwazi ukugcina iSundowns isemdlalweni ngokuthi kushintshwe zibambene ngo 0-0.
Okuphinde kwagqama ngasohlangothini lweSundowns kusona lesi siwombe wukuthi ibisaqhubeka nokulithinta njalo ibhola yenze amaphasi noma isisebhokisini.
Lokhu kwenze ukuthi ingabi nawo amathuba amaningi acacile okushaya igoli yize ibifika ebhokisini leHoroya.
Ishodi eke yalenza kube elikaKhama Billiat ngasekuqaleni komdlalo kodwa walivimba unozinti weHoroya uNdiaye Khadim.
USoumahoro Bangally uke walithola ithuba lokulishaya ngekhanda kodwa laphuma eceleni.
UBangally ubesayibambile emuva phezu kokwenza amaphutha ngesikhathi iSundowns idliwa yiBarcelona ngesonto eledlule. Okunye okugqamile kulo mdlalo wukuthi iSundowns ibingakwazi ukudlala ibhola layo elijwayelekile elidle ngamaphasi ahamba phansi njengoba ibhola belibhampa kule nkundla ebibonakala yomile. IHoroya yona ibidle ngokuqhamuka ezinhlangothini igobele ebhokisini amabhola ahamba phezulu isikhathi esiningi.
Kuthe kubuywa ekhefini yeza ngamandla okungamangazanga ithola igoli elize noMandela Ocansey. Ngesikhathi iHoroya ihlasela ngamandla ifuna igoli lesibili, iSundowns ithole intuba uPercy Tau watholana noBilliat walinamathisela enethini.