Izindaba

Idokodo lesibili libumbanise abakwaMeyiwa

Khethukuthula Sangweni|Published

UMNUZ Sifiso Meyiwa, ongumfowabo kamufi uSenzo Meyiwa, uthi ibambe ngakho iqiniso lizovela maduze ngokwaholela ekufeni komfowabo Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

UKUVELA kwedokodo lesibili ecaleni lokubulawa kukanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa kubumbanise umndeni wakhe.

Udadewabo kamufi uNksz Zama Meyiwa, ubebukeka ehamba nohlangothi lwe-Afriforum, olukholwa wukuthi amadoda amahlanu aboshiwe ayalazi iqiniso.

Ngakolunye uhlangothi uMnuz Sifiso Meyiwa, uhamba nohlangothi luka-Advocate Malesela Teffo othi akungenanga izigebengu endlini kodwa uMeyiwa wabulawa wumuntu ayehleli naye. UMeyiwa wabulawa ngokudutshulwa ekubo kwentombi yakhe, uKelly Khumalo eVosloorus, eKurhuleni ngo-2014.

UZama uthi wezwa ukuthi kukhona ukuxhumana phakathi komunye wabamangalelwa noKelly Khumalo, wabona ukuthi iqiniso lizovela.

“Noma ngingenalo uhlangothi engihamba nalo kodwa ngifuna iqiniso noma ngabe livela ngakuphi. Sasivele sifisa ukuzwa kahle ngababesendlini. Njengoba sekuvela leli dokodo sesinethemba manje. Ngiyakholwa wukuthi kukhona abakufihlayo laba abakhonjwa yidokodo lesibili. Sasilinde ukuthi uKelly njengentombi kaSenzo, kukhona azokuchaza ngokwenzeka endodeni yakhe’’ kusho uZama.

UMnuz Sifiso Meyiwa uthe ibambe ngakho manje, kuza kahle futhi kuzovela abehlala ekusho ukuthi ukholwa wukuthi kukhona okufihlwayo.

“UTeffo samulethelwa yiNkosi. Kusahamba kahle impela. Siyethemba lizovela iqiniso. Sesithandazela ukuthi inkantolo ikhiphe laba bantu ababoshiwe ngoba abahlangene necala. AbeNPA bayalazi iqiniso ngento eyenzeka,’’ kusho uMeyiwa.

Inzukazikeyi yecala likaMeyiwa elinamadokodo amabili. Elokuqala, liwunombolo 636/10/2014 elavulwa eVosloorus. Kukhona nelingunombolo 375/01/2019 elavulwa esiteshini esifanayo. Kuthiwa amacala anabaphenyi abahlukene, okungajwayelekile. Idokodo lesibili likhomba uLongwe Twala, Kelly Khumalo, Gladness Khumalo, Zandi Khumalo,Tumelo Madlala, Mthokozisi Thwala noMaggie Phiri njengabasolwa.

Okhulumela iNPA eGauteng, uNksz Lumka Mahanjana, uthe uyakuqonda ukuthi abantu bafuna izimpendulo kodwa udaba lusezithebeni zenkantolo. Ummeli kaKelly, u-Advocate Magadalene Moonsamy, uthe usaxoxa nekhasimende lakhe ngokufanele kwenziwe maqondana nedokodo lesibili ngoba okwenzekayo kujivaza amalungelo alo ikhasimende.

ODADEWABO bakamufi uSenzo Meyiwa, kwesokunxele wuNksz Zama Meyiwa noNksz Nomalanga Meyiwa Isithombe: JACQUES NAUDE/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)