UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal welekelela izihlobo zemindeni emibili eshone engozini yezimoto eyenzeke emgwaqweni uN-11 eduze kwaseMnambithi ngoMgqibelo ebsuku ukukhomba izidumbu zabo.
Le ngozi edlule nemiphefumulo engu-8 ibiphakathi kwezimoto zohlobo lwePorsche neToyota Fortuner. Abantu abane abebehamba ngePorsche bashe bangqongqa, kanti abane abebehamba ngeToyota Fortuner (okukhona nezingane ezimbili) bashonele endaweni yesigameko. Amaphoyisa omgwaqo esebenzisana namaphoyisa basebenze kanzima ukuthola ukuthi ngubani umnikazi wePorsche njengoba ibingenazo izinombolo.
UNdunankulu wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi uMnuz Bheki Ntuli, unxuse amaphoyisa ukuthi asheshise uphenyo ngokudale le ngozi.
Abashone engozini ngoMgqibelo uMnuz Dheeraj Singh, inkosikazi yakhe uRonitha nezingane zabo uSanjan noSuman. Isithombe: Facebook
"Ukulahleka komndeni wonke engozini eyodwa kuyinto eshaqisa kakhulu. Kule ngozi silahlekelwe yimindeni emibili. Sidlulisa amazwi enduzuzo emindenini yabashonile kanti abasebenzi bethu bazoqhubeka nokweseka imindeni ekwenzeni amalungiselelo okungcwaba," kusho uNtuli.
UMnyango wezokuThutha uwakhiphe kanje amagama abashonile:
Imoto yokuqala (Toyota Fortuner)
Tonderai Godfrey Sithole - Umshayeli (38)
Faith Sithole – Unkosikazi (36)
Shalom Sithole - Owesifazane (10)
Shekinah Sithole - Owesifazane (5)
Imoto yesibili (Porsche)
Dheeraj Sureshchand Singh - Umshayeli (41)
Ronithah Singh - Unkosikazi (40)
Suman Singh - Owesilisa (21)
Sanjana Singh - Owesifazane (16)