UMFANEKISO othathelwe kwi-video kwesinye sezikole izingane zilwa uthisha ebukela. Isithombe: INDEPENDENT MEDIA UMFANEKISO othathelwe kwi-video kwesinye sezikole izingane zilwa uthisha ebukela. Isithombe: INDEPENDENT MEDIA
UKUHLUKUNYEZWA kwengane esikoleni ihlukunyezwa ngezinye, okwaziwa nge-bullying kufanele kusukunyelwe njengoba kungaba nomthelela ongemuhle esimeni sengane ikakhulukazi ngokwesimo sengqondo.
Njengoba le nyanga kungeyokugqugquzela ukuqwashisa ngezifo ezithikameza umqondo, kukhuthazwa abanakekela izingane ukuthi bayiqaphele inkinga yokuhlukumezeka kwezingane zihlukunyezwa ngezinye.
UMnuz Shouqat Mugjenker obhekele uhlelo lokwelashwa kwezifo ezithikameza umqondo ePharma Dynamics uthe ukuhlukunyezwa kwezingane zihlukunyezwa ngezinye, nokungesiyo inkinga ekuleli kuphela kodwa edlangile emhlabeni, kungaba nomthelela ongemuhle esimeni somqondo wengane. Uthe lokhu kuhlukumezeka kuhamba nengane ize ikhule.
“Ngesikhathi sesikhulile kusuke kulindeleke ukuthi sesibhekene (nesimo sokuhlukumezeka esadlula kuso) kodwa umthelela waso ungaba bucayi futhi ube khona empilweni (yengane yonke),” kusho uMugjenker.
Uthe kuleli kukholakala ukuthi * -41% wezingane uyahlukunyezwa ezikoleni nokungakhuphula amathuba okuthi lezo zingane zibe nokhwantalala bese zidinga usizo longoti abelapha izifo ezithikameza umqondo uma sezikhulile.
“Siyazi ukuthi izingane ezihlukunyezwa ngezinye zivame ukuthi zizenyeze, zingenzi kahle esikoleni, zibe nokhwantalala futhi zibe sengozini enkulu yokuzibulala kodwa kuze kube yimanje kusekuncane kakhulu okwaziwayo ngomthelela lokhu okunawo esimeni somqondo womgilwa walolu hlobo lokuhlukunyezwa uma esekhulile,” kwenaba uMugjenker.
Ucwaningo lwakamuva lukhombisa ukuthi lolu hlobo lokuhlukunyezwa luba nomthela ongemuhle esimeni sezempilo salabo abasuke bedlule kulona. Kuphinde kuthikameze ezinye izinto empilweni njengobudlelwano babo, isimo semali nokunye.
Ucwaningo olwenziwa yisikhungo semfundo ephakeme iKings College, eLondon lwathola ukuthi emuva kweminyaka engu-40 abantu asebekhulile ababehlukunyezwa ngezinye izingane esikoleni bebeba nezinkinga ezithikameza umqondo ukudlula abebeqhathaniswe nabo. Kulolu cwaningo babheka abantu abalinganiselwa ku-18 000 ababezalwe ngesonto elilodwa abasuka eminyakeni eyisikhombisa kuya kwengu-50. Baphinde bathola ukuthi uma sebekhulile baba sengozini enkulu yokuba nokhwantalala, imicabango yokuzibulala nokukhathazeka uma beqhathaniswa nalabo abangazange babhekane nale nkinga bekhula. Ngaphandle kwalolu cwaningo lukhona nolunye oseluke lwenziwa noluthole ukuthi iningi lalezi zingane liba nezinkinga zomqondo ezidinga ukuthi zithole usizo longoti bezokwelashwa kwengqondo uma sezikhulile.
UMugjenker uthe le miphumela ikucacisa ngokusobala ukuthi ukuhlukunyezwa kwezingane ngezinye kunomthelela obucayi kangakanani kulabo abasuke behlukunyezwa.
Uthe ukuhlukunyezwa kwamanje akusagcini kuphela ezikoleni nasemakilasini kodwa sekwenzeka nasezinkundleni zokuxhumana - okuyizindawo ezivumela abahlukumezi ukuthi bahlukumeze ngaphandle kokuziveza ukuthi bangobani nokwenza bangabi novalo lokubanjwa.
UDkt Marshinee Naidoo, ongungoti wezokwelashwa kwezifo ezithikameza umqondo esikhungweni sezempilo esizimele i-Akeso Alberton Psychiatric Hospital unxuse abazali ukuthi bahlale beziqaphile izingane zabo ukuze babone ushintsho endleleni eziyiyona.
Uthe kuvame ukuthi kube nezimpawu ezithile endleleni eziziphatha ngayo uma zihlukunyezwa noma kuyizona ezihlukumeza ezinye.
Uveze ukuthi akukhethi ukuthi ingane ingakanani kodwa izingane zingazikhombisa izimpawu zodlame ngisho zisesenkulisa. Uthe iphutha elenziwa yiningi labazali wukuthi bazitshele ukuthi ingane izoyeka ukuhlukumeza ezinye uma ikhula.
“Inkinga ebucayi nekhathazayo yodlame ezinganeni idinga ukuqondisiswa ngabazali, othisha noma ubani osondelene nengane. Izenzo zokuhlukumeza noma zodlame ezenziwa yingane kufanele zisheshe zisukunyelwe. Akufanele zithathelwe phansi ngoba kuthiwa yisigaba okufanele ingane idlule kuso njengoba ikhula,” kusho uDkt Naidoo.
Uthe kubalulekile ukuthi abazali basheshe bazitholele usizo izingane zabo uma kuvela ukuthi zihlukumeza ezinye. Uthe lokhu kungaba ukuxhumana nongoti ekwelashweni kwezinkinga ezithikameza umqondo.
Ngaphambilini leli phephandaba like labika ngezigameko zokuhlukunyezwa kwezingane zihlukunyezwa ngezinye lapho abazali besuke bekhala ngokuthi izingane zabo azisafuni ukuya esikoleni.
Iningi labazali lalikhala ngokunganakwa kwezigameko zokuhlukunyezwa kwezingane zihlukunyezwa ngezinye ezikoleni.
UMugjenker uthe ukuzibandakanya kwabazali empilweni yezingane zabo kungaba nomthelela omuhle ekutheni kugwemeke izigameko zokuhlukunyezwa kwezingane zihlukunyezwa ngezinye.
Nazi ezinye izinto ezingaqikelelwa ngabazali:
Kufanele baqonde kahle ukuthi lolu hlobo lokuhlukumeza luyini
Udokotela uthe abahlukumezayo bakhetha abantu abababona belula ukuthi bangabahlukumeza
Bangabahlukumeza ngokubashaya, ukukhuluma amazwi abuhlungu, ukubakhipha inyumbazana, ukusabalalisa okungelona iqiniso ngabo nokugqugquzela nabanye ukuthi bahlukumeze umgilwa. Olunye uhlobo lokuhlukumeza ngolokusebenzisa izinkundla zokuxhumana nemiyalezo kumaselula.
Ezinye izingane ziyazenyeza zisabe ukusho uma zihlukunyezwa kodwa abazali bangabona ngokuthi ezinye zingafuni ukuya esikoleni, zigweme ukuxoxa ngokwenzeka esikoleni, zifune ukushintsha isikole, zifune ukushintsha uhlelo lokulandwa esikoleni, ukungafuni ukuba yingxenye yezinhlelo ezenziwa esikoleni, ukwehla kwamazinga okuphasa, ukuba nezibazi ezingafuni ukuxoxa ngazo nokunye.
Nezingane ezihlukumeza ezinye ziye zikukhombise lokhu nasekhaya ngokwenza izinto ezehlukene ezinye zingakwenza lokhu ngokungakhombisi uzwelo, ukujabulela ukubona abanye besebuhlungwini, ukuhlukumeza ezinye nokunye. Ezinye izingane ezihlukumezayo zisuke zikwenza ngoba zihlukunyezwa nazo uqobo.
Abazali kubalulekile ukuthi bafundise izingane indlela efanele yokuphatha ezinye. Kufanele bakhulise izingane ngendlela ekhombisa uthando neyenza ukuthi zizizwe ziphephile futhi zinakekelekile.
Kubalulekile nokuthi abazali baxoxe nezingane zabo ngenkinga yokuhlukunyezwa kwezinye futhi bazifundise ukuthi lo mkhuba awulungile. Kuhle nokugqugquzela ingane ukuthi ingathuli uma ibona enye ihlukunyezwa.
Izingane ezingabagilwa bokuhlukunyezwa nezifisa ukwelulekwa ngale nkinga zingashayela inombolo yamahhala yePharma Dynamics ku-0800 205 026 kusukela ngehora lesishiyagalombili ekuseni kuze kube yihora lesishiyagalombili ebusuku. Ukuthola ulwazi oluthe xaxa bangavakashela ku: www.letstalkmh.co.za.