SELOKHU i-ANC yakhetha ubuholi obusha eNasrec lukhulu ushintsho oselwenzekile noluletha ithemba ngekusasa layo. Le ngqungquthela yanika umsebenzi ebuholini bukaRamaphosa ukuthi bulethe ushintsho nokwakha kabusha i-ANC. Kubukeka sengathi ubuholi bukaRamaphosa busawuphethe kahle umsebenzi njengoba busavimbe uqhekeko nokwakheka kweqembu lamahlubuka. Yingakho muva nje uRamaphosa ezwakale emithonjeni yabezindaba ezishaya isifuba ethi “ngincamela ukubizwa ngomholi obuthaka kunokuthatha izinqumo ezingakha uqhekeko futhi zibulale i-ANC.”
Nakuba kunjalo, idimoni ebelihlasele eminyakeni edlule, nebeliyimbangela yobuqembuqembu nokungethembani, libukeka lingafuni ukushabalala. Muva nje iphephandaba lesiNgisi langeSonto libike ngomhlangano oyinguyazane obuphakathi kwabaholi be-ANC okubalwa kubo uMnuz Jacob Zuma, uNobhala-jikelele uMnuz Ace Magashule, owayengundunankulu waseNorth West uMnuz Supra Mahumapelo, uNobhala wophiko lwabesifazane uNkk Meokgo Matuba nonoNobhala wophiko lwentsha lwaseKZN uMnuz Thanduxolo Sabelo kuthiwa “bekuboshwa khona itulo lokuketula uMengameli Ramaphosa”. UMagashule uvumile ukuthi ube khona umhlangano nokho wala waphetha ukuveza okwakuxoxwa. Lokhu kwenzeka lapho sekubalwa izinyanga ngaphambi kokhetho luka-2019. I-ANC izoya okhethweni iphezu kwenkulu ingcindezi emuva kokulahlekelwa abavoti abaningi ngokhetho luka-2016. Abavoti kabasoze banika iqembu elihlulwa wukuphatha izindaba zalo umsebenzi wokuphatha izwe. Inselelo ebhekene ne-ANC wukwenza uphenyo ngokushesha ukuze kuqinisekiswe ngezindaba ezaxoxwa kulo mhlangano. Uma izinsolo ziyiqiniso kufanele ukuthi abathintekayo baqondiswe ubugwegwe.
Kungani abaholi bebukele phansi isiphakamiso sengqungquthela sokwakha ubunye futhi behudulele phansi igama le-ANC?
Zuma
Izinsolo zenkohlakalo, ukulawulwa kombuso yidlanzana necala elisenkantolo ngezinye zezinkinga eseziphenduke ifu elimnyama emlandweni kaZuma kwezepolitiki.
UZuma usezinkingeni futhi udinga lonke uhlobo losizo kungakhethi ukuthi luvela kubani nokuthi luza ngandlelani ukuze azivikele. Silibonile icala lakhe eliqhubekayo enkantolo liphenduka inkundla yokuzakhela abalandeli ngokuheha ngisho abaholi bamaqembu ayizitha ze-ANC. Yingakho iqhaza lakhe emkhankasweni we-ANC wokhetho lingadida abavoti. Ngemuva kokuvela eNkantolo eMgungundlovu, uZuma wakhankasela uMnuz Mngxitama weBlack First Land First ngesikhathi ekhuluma nabalandeli be-ANC. Wabe ethula inkulumo emi esteji esasinezingqewmbe ezazibhalwe ukuthi “ngokhetho luka-2019 siyovota ngokulawulwa onembeza bethu.” Magashule
Ukukhethwa kukaMagashule njengoNobhala-jikelele we-ANC eNasrec kwashiya imibuzo eminingi. Ukuqiniswa kokuphathwa kwekomkhulu le-ANC ngabaholi abafana noMnuz Senzo Mchunu, Mnuz Fikile Mbalula noMnu Zizi Kodwa kushiye ihhovisi lakhe lingenamazinyo. Ukungabi namandla kwaleli hhovisi kucace bha ngesikhathi ehluleka wukuvikela uMahumapelo esikhundleni sikandunankulu nokuvimba ukuhlakazwa kwePEC yaseNorth West. Ukuthinteka kwegama lakhe enkohlakalweni yaseFree State nasekulawulweni kombuso wumndeni wakwaGupta sekumenze wakhanyelwa ngukuthi akanakusasa ethimbeni lobuholi bukaRamaphosa. Mahumapelo
Sekungumlando manje ukuthi uMahumapelo wehliswa kwesikandunankulu emuva kwemibhikisho yomphakathi nezinsolo zenkohlakalo nokuthi iPEC abeyihola yahlakazwa. Okuqaphelekayo ngukuthi bonke abaholi abaphendukelwe yipolitiki ye-ANC sebephendule iKZN isidleke sokuhlela ibuya nokuziphindiselela ezitheni. Matuba
I-ANCWL iholwa ngoMatuba nabanye ibe ngenkulu inhlekisa ekulweleni amalungelo abesifazane. Yehlulekile ukuletha izinguquko ebuholini bezinhlaka zeqembu nezisaqhoqhobelwe ngabesilisa. Ngesikhathi izwe lihaqwe yinkohlakalo nokulawulwa kombuso yidlanzana, lolu phiko lwehluleka ngisho ukuyigxeka.
Sabelo
Kungaba yiphutha elikhulu uma uSabelo ebe yingxenye yalo mhlangano. Ukungaphumeleli kwezifiso zophiko lwentsha engqungqutheleni edlule kube yimiphumela yepolitiki yentando yeningi ngaphakathi kwe-ANC. Futhi ibashiye oSabelo nezinselelo abanekusasa elide lokuzilungisa njengentsha kuphela uma belandela izimfundiso nemigomo yeqembu. Amahemuhemu abukeka ezowukhinyabeza umkhankaso wakhe wokugaqela esokungamela i-ANCYL.
Abezindaba
Ukuvezwa kwalo mhlangano kugcizelela ukubaluleka kwabezindaba ekugqugquzeleni nasekuvikeleni inkululeko yentando yabantu ngaphakathi ezinhlanganwenini zepolitiki nasemphakathini jikelele.
Thabani Khumalo, umhlaziyi wepolitiki ozimele.