BAKHALA ezimathonsi abashonelwe amalungu emindeni yabo ngesikhathi kubhidlika isakhiwo sesonto sebandla iPentecostal Holiness Church eNdlangubo, eMpangeni ngoLwesine ebusuku, kwashona abangu-13.
ULina Langa (38) uthe ufisele unina, u-Alter Langa (71) uhambo oluhle ngesikhathi eya enkonzweni ngoLwesine. Kodwa ubengazi ukuthi usevalelisa okokugcina kuyena. Uthe unina ubehamba namadodakazi akhe amabili eneminyaka engu-12 neneminyaka engu-13.
Uthe yena ungunogada futhi ubehlele ukulandela unina enkonzweni yangeSonto uma esethole isikhathi emsebenzini.
“Bengisemsebenzini ngesikhathi ngithintwa yindodakazi yami eneminyaka engu-13 ngo-11 ebusuku ikhala. Ibihlulwa ngisho ukusho ukuthi kwenzekeni ikhala ngogogo. Ngiyincengile ukuthi yehlise umoya kwaba ikhona ngizwa ukuthi kukhona okwenzeke kumama. Ngishiye ukusebenza ngaya khona,” kusho uLina.
Unina ushone esendaweni yesigameko.
Uthe akazi uzokwenzenjani ngaphandle kukanina ngoba wuyena obesala nezingane zakhe uma esemsebenzini.
Uveze ukuthi usezophoqeleka ukuthi athole umuntu ozosala namadodakazi akhe ekhaya ngoba usebenza ebusuku isikhathi esiningi.
UBongeni Ngema (34) uthe nakuyena kusenzima ukwamukela ukuthi unina akasekho.
“Ukushona kwakhe kungizumile. Umama wethu wuyena obenza kube nokuthula ekhaya. Mina nezingane zakwethu sisebenza eThekwini, umama ubehlala nezingane zethu Esikhawini (Esikhaleni) ezisiza uma zilungela ukuya esikoleni,” kusho uNgema.
UMfundisi Phiwayinkosi Sibiya wePentecostal Holiness Church, uthe abesifazane balala ngokwehlukana nabesilisa kulesi sakhiwo sesonto esibhidlikile.
UNKSZ Lina Langa, okhala ezimathonsi ngokushonelwa wunina engozini yokubhidlika kwesakhiwo sesonto iPentecostal Holiness Church, eMpangeni Isithombe: Leon Lestrade/African News Agency(ANA)
“Isigameko senzeke ngesikhathi amalungu ebandla ezilungiselela ukulala.
Okubuhlungu kakhulu wukuthi kushone abesifazane nengane eneminyaka engu-13,” kusho uMfundisi Sibiya.
Uthe bazamile ukuxhumana namaphoyisa kodwa izingcingo bezingadonsi kule ndawo. Uthe kuze kwaba khona ophuthuma esiteshini samaphoyisa ngemoto eyobika.
UNgqongqoshe woMnyango wezaBasebenzi uNkk Mildred Oliphant uvakashele le ndawo ngoLwesihlanu.
“Ngokwemibiko esinayo le ndawo inesimo sezulu esingesihle futhi kubuye kube nemvula ehambisana nokuduma,” kusho uNgqongqoshe * -Oliphant.
Uthe uhulumeni nomasipala bazosebenzisana nesonto nemindeni ethintekile ukuletha uzinzo.
Kule ndawo kufike nezikhulu zeminyango kahulumeni. Kuzona bekukhona uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu eNingizimu Afrika, uDkt Zweli Mkhize, uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo neMeya yaseMhlathuze, uMnuz Mduduzi Mhlongo.
Kuvele ukuthi sekuneminyaka amakholwa esebenzisa le ndawo ukuzothandaza.
Kuthiwa iqale ukwakhiwa ngo-2000 yaphela ngo-2007.