NGOMUNYE wemibala egqamile oluhlaza okwesibhakabhaka okutholakala ngayo i-Auris X. NGOMUNYE wemibala egqamile oluhlaza okwesibhakabhaka okutholakala ngayo i-Auris X.
Fanelesibonge Bengu
IMOTO: Toyota Auris
AKUMELE ulindele ukuthi abantu bazojijeka imiqala bephenduka nawe uma uhamba nge Toyota Auris X, kodwa okungenza baphenduke nawe imibala egqamile esetshenziswe kule moto.
Ungazikhethela phakathi kwemibala eyisithupha ehlanganisa i-Avant-garde, bronze metallic, nosawolintshi abawubiza nge-Inferno metallic okuyiwo odonsa kakhulu amehlo.
Bayethula uvulwa nje u 2013 kanti kunezinhlobo ezinhlanu okuyi 1.3X, 1.6Xi, 1.6XS, 1.6XR ne-1.6XR CVT. Zonke lezi zimoto zihamba ngenjini esebenzisa upetrol ayikho ehamba ngodizili njenge-Auris endala.
Zonke izinhlobo ziphuma ne central locking, air conditioner, iradio edlala amaCD okuhambisana nesikhala sokufaka i-USB noma i iPod nesiteringi esakhiwe ngesikhumba okwaziyo ukusihlela ukuthi ufuna sihlale kanjani.
Uhlobo lwe 1.3x luphuma namasondo angu -15 inch ane-wheel cap kuthi i-1.6Xi yona ino-16 inch nerimu.
Uma unyukela kwi 1.6XS inekhamera ngemuva ekusiza uma uhlehla njengoba ingemuva livele ikukhombise njengoba injalo kwi screen esincane esithe chwa ngaphambili.
Inezihlalo zohlobo lwe-sporty ngaphambili, inamalambu enkungu ne-bluetooth ekusiza uma ufuna ukukhuluma nocingo ngaphandle kokulibamba noma ukudlala ingoma.
I-XR yona igabe nge-cruise control, izihlalo zangaphambili zikwazi ukuzifudumeza, idunyiswa ngebhathini, namalambu azikhanyelayo. I-Auris kuhloswe ngayo ukubamba abantu abathenga iVW Golf 6, Hyundai i30 neFord Focus.
IZINJINI NAMANDLA
Izinjini zale moto zonke zishaya ngama-cylinder amane futhi zinamagiya ayisithupha aya phambili ozishintshela wena. Yi-1.6 XR CVT kuphela eyi-multidrive S. I- 1.3X ikhahlela amandla angu- 73Kw ne-Torque engu-128Nm. i-1.6Xi ne-1.6 XS ne-1.6XR CVT zonke zinamandla afinyelela ku-97Kw ne- Torque engu160Nm.
AMANANI
1.3 X - R195 000 AT)
1.6 Xi - R217 500
1.6 XS - R228 600
1.6 XR - R253 200
1.6 XR CVT - R265 600
Zonke ziphuma ne-warranty yeminyaka emithathu ngemuva kokuhamba ibanga elingu-100km nesevisi yeminyaka emihlanu ngemuva kokuha