SABELO NSELE
IDEDELWE ngesexwayiso iMenenja kaMasipala iTheku, uMnuz Sipho Nzuza, obeboshelwe ukuphula imibandela yebheyili.
UNzuza, obhekene necala lenkohlakalo yethenda kaR450 million nabanye abasolwa okubalwa kubo nowayeyimeya yeTheku uNkk Zandile Gumede wadedelwa ngebheyili kaR50 000 ehambisana nemibandela. NgoMsombuluko uvele enkantolo yamacala athinta imali eThekwini, kulandela ukuzinikela koKlebe emuva kophenyo oluveze ukuthi usesayina amathenda nobekungukuphula imibandela yebheyili.
Okhulumela oKlebe uColonel Katlego Mogale uthe ithimba eliphenya icala laziswe ngokuphula kukaNzuza imibandela yebheyili emva kokuthi ebuyele emsebenzini ngenyanga eyedlule.
“Kwabe sekuphenywa, sathola ngempela ukuthi uyiphulile imigomo yebheyili.”
Izolo inkantolo idedele uNzuza ngesixwayiso yaphinde yashintsha imibandela yebheyili yakhe.
Amaqembu aphikisayo athe ibambe ngakho njengoba ethe umkhandlu awuzange ulalele uma bewuxwayisa ngokuphula kukaNzuza imibandela yebheyili.
Ohola inguyazana yeDA emkhandlwini uNksz Nicole Graham, uthe zonke iziphakamiso abazenzayo ezazizogwema ukuthi uNzuza aphule imibandela yakhe yebheyili, zaphikiswa.
“Sathi uNzuza akaphucwe amandla okusayina amathenda anikezwe isikhulu sezezimali, waphikiswa umbono wethu. Sazama ukuwuxwayisa umkhandlu. Saphinda senza neziphakamiso kodwa zazitshwa. Ithimba le-ANC elalethwa ukuthi lizohlenga umkhandlu, likhombise ukwehluleka ukulawula isimo.”
Uthe bazobhalela uSomlomo woMkhandlu uNkk Weziwe Thusi, bamcele ukuthi abize umhlangano ophuthumayo, ukuze kuzodingidwa udaba.
Ohola inguyazana ye-IFP kumasipala uMnuz Mdu Nkosi, uthe bamkhuza uNzuza kepha wangabalalela.
“Ngangishilo ekuqaleni ukuthi akwenzayo kuzobiza oKlebe ngoba uyayazi imibandela yebheyili. Sathi uma sikhuluma, imeya yavele yagxuma yamvikela. Namhlanje iyona esimbuleke izinqe. Uma ungayibuza manje, ngeke esaphika ukuthi uNzuza uyasayina izinto okungafanele azisayine.”
UNkosi uthe lokhu kuthunaza isithunzi sikaNzuza nesomkhandlu.
“Okuyinkinga ngokuthunazeka kwesithunzi somkhandlu wukuthi lokho kuxosha abatshalimali.”
Imizamo yokuthola abehhovisi lemeya ukuba baphawule kayiphumelelanga, okhulumela imeya uMnuz Mluleki Mntungwa ubengalubambi ucingo engayiphenduli nemiyalezo ayithunyelelwe.