IDA seyenze izinguquko ezintathu kubakhulumeli bayo emakomitini asesiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
UNksz Mbali Ntuli, obengenele umbango wokuba umholi waleli iqembu ngonyaka odlule, ungomunye walabo abashintshiwe.
UNksz Ntuli ususiwe ekubeni umkhulumeli waleli qembu ekomitini elibhekele ukesebenza koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Manje uNksz Ntuli usezokhulumela iqembu ekomitini elibhekele ukusebenza koMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu neMisebenzi yoMphakathi.
Indawo kaNksz Ntuli izothathwa uMnuz Chris Pappas, obekhulumela iqembu ekomitini elibhekele ukusebenza komnyango weZolimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya.
Indawo kaPappas izothathwa uMnuz Martin Meyer obekhulumela iqembu ekomitini elibhekele ukusebenza koMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu neMisebenzi yoMphakathi.
Umholi we-DA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango uthe le sinqumo sithathwe emva komhlangano wonyaka wokucobelelana ngamasu, lapho bekubhekwa khona ukusebenza kwenguyazana yeqembu enamalungu angu-11.
“Inhloso ukwenza ngcono indlela esenza ngayo umsebenzi wethu.”
UMncwango uncome indlela laba abathathu abasebenze ngayo emakomitini abasuswe kuwo.
UMncwango uthe nakuba uNksz Ntuli ebebhekene nomkhankaso onzima emizameni yakhe engaphumelelanga yokuba umholi weqembu kuzwelonke, kepha lokho akuzange kuwuthikameze umsebenzi wakhe ekomitini.
“UPappas naye udlale indima ebalulekile kwezolimo, ikakhulukazi uma kuza kwezokuphepha ezindaweni zasemakhaya nodaba lwemvelo. UMeyer naye simshayela ihlombe ngokwenza isiqiniseko sokuthi uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi uyawenza umsebenzi wawo.”