UBUHOLI obusha beDemocratic Alliance (DA) obuzokhethwa engqungqutheleni ezoqala ngoFebhuwari buhlalelwe wumsebenzi onzima wokungenisa ezizindeni ze-ANC nokuza namaqhinga okubhekana ne-Economic Freedom Fighters (EFF) KwaZulu-Natal. Lona ngumbono wowayenguSihlalo weDA KwaZulu-Natal uMnuz Sizwe Mchunu.
UMchunu ongathanda ukusho ukuthi uzolungenela yini ukhetho lukaSihlalo weDA uthe bazimisele ukukhulisa iqembu labo.
"Sidinga isu lokukhulisa iDA KwaZulu-Natal yize sizobhekana nomqansa ngoba kukhulu ukuncintisana phakathi kwamaqembu," kusho uMchunu.
Kuvalwa ngoMsombuluko ukuqokwa kwabaholi abazongenela izikhundla zeDA. UMnuz Mergan Chetty oyiPhini likaSihlalo weDA KwaZulu-Natal uthe ukwamukele ukuqokelwa esikhundleni sakhe esisha uselindele ukhetho ngoba mningi umsebenzi osamhlalele.
USihlalo weDA eThekwini uMnuz Haniff Hoosen okhulume ne-Independent Media esanda kwehla ebhanoyini elivela phesheya uthe akakanqumi ukuthi uzokwamukela ukuqokwa kwakhe ezikhundleni ngba ubengekho ngesikhathi kuqala.
UMnuz Heinz De Boer oyikhansela lakuwadi 35 eMhlanga obuye abe sesigungwini esiphezulu sikaMasipala weTheku weseka uMncwango ukuthi aqhubeke esikhundleni sakhe ngoba ungumholo onobuhlakani, ozwana nawo wonke umuntu futhi oziqondayo izinkinga zabantu.