AYAVEVA amalungu omndeni wabantu abashona emuva kokuthuthwa esibhedlela sabagula ngengqondo iLife Esidimeni emuva kokuthi iDA ibhale amagama abo oqwembeni lokukhankasela ukhetho ngaphandle kwemvumo yemindeni.
Izolo lolu qwembe olungaseBraamfontein, eGoli, olunemibhalo emikhulu ethi, ANC Is Killling Us luhleshuliwe ngabantu okuthiwa ngamalungu omndeni wabafa emuva kokukhishwa eLife Esidimeni.
Kulolu qwembe kukhona namagama abavukuzi abafa esibhicongweni saseMarikana nawezingane ezife emuva kokuwela emathoyilethi omgodi.
UNkk Christine Nxumalo owashonelwa yilungu lomndeni elakhishwa eLife Esidimeni ubhale ekhasini lakhe le-twitter ukuthi “Ngidinwe kabi ukuthi uMmusi Maimane uvule isikhangiso esinamagama amalungu ethu omndeni ngaphandle kokucela imvume yethu. Imbi lento ayenzile ngoba efuna amavoti. IDA ayinalo ilungelo lokusebenzisa le nhlekelele nobuhlungu bethu ukuze ithole amavoti,”
UMnuz Solly Malatsi okhulumela iDA uthe ukuklejulwa koqwembe lwabo kungcolisa umlando walabo abashone ngaphansi kukahulumeni we-ANC.
“Yize singaqondi ukuthi wubani oklebhule uqwembe lwethu kodwa akukhona okokuqala simoshelwa uqwembe olukhuluma iqiniso ngohulumeni we-ANC. Lesi senzo singcolisa umlando walabo abashonile ngoba ukufa kwabantu Esidimeni, Marikana nezingane eziphoseka emathoyilethe omgodi bekungavinjwa ukube uhulumeni ka-ANC uyasebenza,” kusho uMalatsi.
UMnuz Zizi Kodwa okhulumela i-ANC uthe iDA ayibuqondi ubuhlungu babantu abashonelwa ngamalungu omndeni Esidimeni, eMarikana nakumathoyilethi omgodi futhi uMalatsi neDA kufanele baxolise ebantwini ngalesi senzo.
Umhlaziyi wepolitiki uMnuz Ralph Mathekga uthe iDA inawo umlando wokukhankasa ngokugxibha amanye amaqembu epolitiki okuyinto enganambithisiseki kahle kubavoti baseNingizimu Afrika.
“IDA ivamise ukukopela izinto ezenziwa e-United States naseBritain zokukhankasa ngokugxibha abanye abaholi. Lo mkhuba uyasebenza kwamanye amazwe hhayi eNingizimu Afrika,” kusho uMathekga.
Uthe lesi sikhangiso sikhombisa ngokusobala ukuthi iDA ayibaqondi kahle abantu abamnyama ngokosiko, ngokwendlela yokuphila nangokuthi abahlekisi ngokufa.
“IDA ayikakabaqondi abantu abamnyama lokhu kuzoyilahlekisela ngabavoti. Kuyakhombisa ukuthi izinto eziningi zisenziwa ngabamhlophe. Kufanele iDA iqaphele ukuthi ukugxibha i-ANC akuyakheli igama elibi kwabamnyama ngoba kufanele ihloniphe namasiko abo ngesikhathi igxeka,” kusho uMathekga.