IDemocratic Alliance (DA) eKapa izimisele ngokuqhubeka nokuchibiyela umthetho sivivinyo ovumela ukuthi kudayiswe utshwala ezikoleni, iSchool Education Amendment Bill.
Yize ngoLwesithathu kube nenkulumo mpikiswano eshubile esishayamthetho amalungu eDA agcine evotele ukuthi uchitshiyelwe lo mthetho kodwa kulindeleke ukuthi isinqumo esizonika umkhombandlela sibe namuhla.
Emhlanganweni wangoLwesithathu indlela obekushube ngayo amanye amalunga esishayamthetho asolwe ngokusabisa usihlalo wekomidi uMnuz Basil Kivedo.
Ukuphasiswa kwalomthetho kuzobe kusho ukuthi kuvumelekile ukudayiswa nokuphuzwa kotshwala ezikoleni nasemcimbini yezikole, ngaphansi kwesimo esiqashiwe.
Izikole ezinesifiso sokwenza imcimbi ozobe kudayiswa noma kuphuzwa khona utshwala kufanele zifake isicelo eMnyangweni wezeMfundo eWestern Cape. Ngemuva kwalokho, isicelo sibe sesibhekisiswa yisigungu esengamele isikole bese sikhipha umyalelo.
Emhlanganweni, amalungu esishayamthetho e-ANC, uMnuz Theo Oliver noMnuz Cameron Dugmore bebeshayisana ngamakhanda noSekela Sihlalo weKomidi uNksz Lorraine Botha. U-Olivier uthe abaningi abavumelani nalomthetho wokuphasiswa kokudayiswa kotshwala ezikoleni.
“Mingaki imibono evela kumalungu omphakathi aphikisanayo naloludaba?, Iningi labantu liyaphikisana nokuphasiswa kwalomthetho, uqhubeka kanjani nawo? Uqhubeka ngaphansi kwasiphi isisekelo?” kubuza u-Oliver.
U-Adv Lynn Coleridge-Zils, owumqondisi wenqubomgomo eMnyangweni wezeMfundo eWestern Cape uthe zibalelwa ku-83 izikole eziwesekayo lo mthetho.
Ngesikhathi uDugmore ecela imininingwane yezikole eziwu-83 okuthiwa ziyaweseka lo mthetho, uColeridge-Zils uthe akanayo.
Usotswebhu omkhulu weDA, uMnuz Mark Wiley, uthe imicabango yokuthi wonke umuntu uyawuchitha lo mthetho ayilona iqiniso.
“Uyesekwa lo mthetho, kube nezikole eziwesekayo. Amaqembu,
abafundi abadala nezinhlangano ezizimele abakwazi ukwenza imicimbi enotshwala ngenxa yomthetho okhona njengamanje.”