Izindaba

IDA imbaxambili ngenkulumo kamengameli

Nonkululeko Nhlapo|Published

Umholi weDA John Steenhuisen

Image: Phando Jikelo / Parliament of RSA

Iqembu le-DA eliyingxenye yeGNU likhiphe isitatimende Lizwakalisa ukwamukela inkulumo kamengameli Cyril Ramaphosa kodwa futhi likhala ngezinkundla ezisungulelwa ukuphenya inkohlakalo kugcine kungashushuswa muntu.

Ngesitatimende esithunyelwe abezindaba umholi weDA uJohn Steenhuisen uthi, iDA uyasamukela isimemezelo sikamengameli Ramaphosa sekhomishana yamajaji ezophenya ngezinsolo ezenziwe nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi.

Lezi zinsolo zigadla enkabeni yohlelo lwezobulungiswa bobugebengu eNingizimu Afrika, zibandakanya abomthetho, abashushisi, ezobunhloli, kanye nezikhulu eziphezulu ebugebengwini obuhleliwe kanye nenkohlakalo ehleliwe.

"Yize sisemukela isimemezelo sekhefu likaNgqongqoshe wezamaphoyisa njengesinyathelo esidingekayo, siza ngemuva kwengcindezi engapheli ye-DA kanye nokukhala kwezwe lonke."

Uqhubeke wathi lezi zinsolo zinikeze umengameli ithuba lokukhombisa ubuholi obunesibindi nobuqinile. Esikhundleni salokho, usephinde wanikeza ikhomishana umthwalo, futhi abantu baseNingizimu Afrika sebethanda ukungabaza ngalezi nkundla zezingxoxo, amathimba aqokiwe kanye namakhomishana abawabona njengokuthenga isikhathi nokugwema ukuziphendulela.

I-DA ithi ngeke iyamukele inqubo yeminyaka eqoqa ubufakazi obushaqisayo kodwa bungasetshenzwa ngendlela ukushushisa abatholwa benindeke ebubini.

"Izwe alikwazi ukukhokhela enye inqubo yokuqoqa amafayela azoqoqa uthuli ngenkathi abaxhumene nosopolitiki bebalekela ubulungiswa. I-DA izobheka umengameli ukuthi aziphendulele ngakho konke okutholwe yile khomishini kanye nezincomo zayo, futhi sizolwa kwikhabhinethi nasephalamende ukuze kuthathwe izinyathelo ezisheshayo nezibonakalayo."

IPhalamende akumele libekwe eceleni futhi umsebenzi wephalamende wokuba isigungu esiphezulu esithatha izinqumo kufanele liqhubeke ngaphandle kokuvinjwa.