Izindaba

Icwile kwezikaFaro intsha - ucwaningo

DELI MNCWABE|Published

YIZIMO ezithi azifane nalesi ezike zibonakale entsheni ecwile ezinkambeni zikaFaro nokuyingozi empilweni yomuntu osemusha. Muva nje ucwaningo olusanda kwenziwa lukhombe intsha njengephuza yeqise otshwaleni YIZIMO ezithi azifane nalesi ezike zibonakale entsheni ecwile ezinkambeni zikaFaro nokuyingozi empilweni yomuntu osemusha. Muva nje ucwaningo olusanda kwenziwa lukhombe intsha njengephuza yeqise otshwaleni

NJENGOBA uJuni uhlonzwa njengenyanga yentsha, sekuvele izibalo ezishaqisayo zentsha yaseNingizimu Afrika yesilisa emnyama okuthiwa iqengqeleza phambili ngokucwila ezinkambeni zikaFaro. Ngo-1976 intsha yakuleli yayilwa namaBhunu ifuna ukuqedwa kokufunda ngesibhunu zonke izifundo, kodwa eyanamuhla enye yayo ingene shi kwizidakamizwa.

Ucwaningo olwenziwe ngabomkhankaso oqwashisa ngokucwila otshwalweni i-Aware Organisation.

Lolu cwaningo luveza isithombe sokuthi lapha eNingizimu Afrika kuthengwa utshwala buka-R3.8 billion ngonyaka. Kubantu bakuleli balinganiselwa ku-60% abaphuza utshwala kanti kubona bangu-34% abaphuza ngokweqile. Kulesi sibalo isilinganiso sekota ngabesilisa abamnyama abaneminyaka eqala ku-24 kuya ku-35 abazithola becwile kubona ngendlela exakile.

Ucwaningo luveza ukuthi iningi lentsha yakuleli kuthi ineminyaka engu-12 isuke isilingeka ifise ukuzwa ukuthi utshwala bunambitheka kanjani.

Enye iyadikila ingaphide ibuthinte ngenxa yokungathatheki kodwa enye iyabuyela kubona igcine isibujwayele. Ngeshwa enye iyedlulela igcine isiyimulutha yotshwala. Le ntsha isuke inezizathu ezahlukene ezisuke siyiholele kulo mbulalazwe. Phakathi kwezizathu ezibaliwe ezidoba intsha wukuthi iningi layo isuke isiphothule isikole, isanda kuqala umsebenzi futhi isizithathela izinqumo ngemali yayo.

Kulapho kwabanye kuqala kube nengcindezi yokufuna ukubukwa, ukudlisela kontanga nakwabobulili obehlukile. Enye intsha ibulawa amahloni, ukuze iwaqede isebenzisa utshwala bese bekwazi ukukhuluma babe nesibindi noma benze okuthile abasuke behlukela ukukwenza bengaphuzile.

Ukuhlanganyela nabangani nemindeni emicimbini, nakho kuyabahlohla abanye ukuba bagcine bekhothakhothile kwezikaFaro ngenxa yokungafuni ukusala ezintweni.

Inkinga iba lapho uma abanye sebephenduka izigqila zotshwala. Izinqumo nezibopho abanazo empilweni zigcine sezithikamezwa wukuphuza kakhulu. Lapha singabala ukuthi umuntu akhohlwe yinto asuke eyikhulumile, wukuvuka sekudlule isikhathi, wukudala umonakalo njengokushayela ephuzile noma ukuba nenkani angalawuleki. Ngalezi zizathu kuphela imisebenzi, kuchitheka imishado nothando kwabanye ababe besahlonishwa kuphele nokwethenjwa.

Kuzona singabala ukuwa nokuhluleka wukuhamba uqonde okungaholela ekulimaleni nokufa imbala.

Utshwala obuningi emzimbeni womuntu kungadala ukuthi inhliziyo ime noma umuntu akhingcwe ngumphalazo wakhe ashone. Ukuphuza ngokweqile entsheni kuphinde kusolwe ngokwanda kwezigameko zokuzibulala uma inengcindezi empilweni yayo. Ukuphuza kakhulu kungagcina omunye umuntu esehanjelwa wumqondo nokungadala umonakalo emqondweni, omunye agule ngekhanda.

Kwabesifazane abakhulelwe utshwala bulimaza ingane ibe nesifo iFetal Alcohol Syndrome esuke isakhula kuyena.

Ucwaningo olwenziwe yi-University of Cape Town ngo-2014 kuya ku-2015 bulinganiselwa ku-4.8 billion utshwala obuthengiwe.

Isikhulu esiphezulu kwi-Aware * -Ingrid Louw uthe kubalulekile ukuthi intsha yazi kabanzi ngobungozi botshwala obuphuzwa kakhulu.

“Bakhona abantu abaphuzayo kodwa ngendlela ehlelekile nengenabo ubungozi, bese kuba khona labo abacwilile,” usho kanje.

Uthe kulabo abacwilayo kubona, kubalulekile ukubazisa ngobungozi obunabo empilweni yabo nakweyabanye abantu.

“Ucwaningo lwethu luveze ukuthi abantu bakuleli abasethuki uma bebona izimoto zishayisana kade zigijima ngesivinini esiphezulu nasekuboneni izidumbu zindiza ngenxa yengozi lapho kusuke kudalwe wukushayela imoto komuntu ephuzile. Akukuhle lokhu. Kusitshela ukuthi kukhona lapho singenzi kahle khona, yingakho sizozama ukulungisa isimo ngemikhankaso yethu,” usho kanje.

Lo mkhankaso wokuqwashisa ngobubi bokuphuza ngokweqile, unethemba lokuthi uma kungasetshenzwa kubanjiswane kungaphela ukubikwa ngezingozi zemigwaqo ezidalwa abashayela bephuzile, ukuphuza kwezingane nezinye izinto ezimbi ezidalwa wutshwala.

Ezinye zezizathu ezoholela entsheni ukuthi iphuze:

Ukubona abanye abantu bephuza

Ukufoma nokufuna ukuzilawula

Ukufuna ukuzama izinto ezintsha empilweni ezizokwenza umuntu avelele

Ukungazethembi

Ukuhehwa okungelona iqiniso njengezinhlelo zethelevishini nezikhangiso.