ICOVID-19 yenze izindleko zabasebenzi basezindlini zinyuke zifinyelele kuR4 225 kodwa bona bebe behola uR2 740 okwenza badonse kanzima, kusho ucwaningo olusanda kwenziwa.
Ucwaningo olwenziwe yiSweepSouth SA luthi u-80% wabasebenzi basezindlini ususebenza amahora angaphansi kwayisishiyagalombili.
Kuvele ukuthi abaningi bebehola uR2 500 kodwa manje u-74% usuhola ngaphansi kukaR2 500.
UNksz Aisha Pandor ongumsunguli weSweepSouth SA, inkampani etholela abaqashi abasebenzi basezindlini, uthe ucwaningo lwabo lwenziwe kubasebenzi basezindlini abawu-5000.
U-48% wabantu okukhulunywe nabo ngabakuleli kuthi u-49% kube ngabaseZimbabwe. U-50% wabo abaseGauteng, Western Cape (44%) neKwaZulu-Natal (4%).
“Abasebenzi basezindlini baveze ukuthi baphoqeleka ukuboleka imali ukuze bakhokhele irenti ngesikhathi somvalelandlini. Abanye badonsa kanzima kakhulu ngenxa yokuthi sekusebenza bona kuphela amanye amalungu omndeni aphelelwe wumsebenzi ngenxa yeCovid-19,” kusho uNksz Pandor.
Uthe ukudla kunyukile okwenza ukuthi abasebenza ezindlini bakhokhe uR1 667 ukwenza igilosa yenyanga, basebenzisa uR74 ukuthenga i-airtime ne-data, uR1 525 ukurenta, uR486 ukugibela, ugesi wekhadi ubadla uR371 ngenyanga bese imali yesikole ibadla uR1 228 ngonyaka.
UNksz Pandor uthe u-97% wabasebenzi basezindlini ngabantu besifazane okusho ukuthi yibona ababheke imindeni.
UNksz Happy Ndovela onguNobhala weDurban Shiellas okuyinhlangano yabasebenzi basezindlini eThekwini, uthe ucwaningo lushaya khona ngoba kunozakwabo abangakabuyeli emsebenzini kuze kube manje.
“Sithwele kanzima ezindlini ngoba abanye abaqashi abakababuyiseli ozakwethu emsebenzini. Abanye bakhala ngokuthi mhlawumbe bazobabuyela neCovid-19 ngoba abahlali emsebenzini. Siyathemba isimo sizoba ngcono uma izwe selivulwe kahle. Asinayo ngempela imali.”