USEDLULILE emhlabeni okhulumela i-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal uMnuz Ricard Mthembu (50). UMthembu kubikwa ukuthi ushone ngoLwesithathu kulandela ukuxinwa yigciwane iCovid-19 eselibulale abantu abawu-3 502 kuleli.
Imithombo ye-website enguzakwabo weSolezwe,i-IOL kwi-ANC iyona eqinisekise lezi zindaba ngoLwesithathu ekuseni. Kuvela ukuthi uMthembu ushone kulandela ukufakwa egunjinin labagula kakhulu ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.
UMnuz Lennox Mabaso okhulumela ihhovisi likaNdunankulu wakulesi sifundazwe uMnuz Sihle Zikalala, uthe okwamanje ngeke aphawule kakhulu ngoba nabo lona umbiko ebebesanda kuwuthola.
“Sisazozitholela ngokwethu eminye imininingwane. Okwamanje kukhona esisakuhlanganisa,” kusho uMabaso.
Kuzokhumbuleka ukuthi namhlanje uhulumeni wakulesi sifundazwe uhambele esikhumulweni sezindiza iKing Shaka lapho ehlola khona ukuqhubeka kokuhamba kwezindiza.
UMthembu uke waba yiMeya yaKwaDukuza neLungu elimele i-ANC esiShayamthetho salesi sifundazwe.
Udaba lusaqhubeka.