ICOSATU ifuna uhulumeni avule ukudayiswa kotshwala kodwa ithi ngeke kwenzeke lokhu uma abantu bengaphuzi ngendlela ehlelekile.
UMnuz Sizwe Pamla okhulumela iCosatu, uthe bayaziqonda izizathu zikahulumeni zokumisa ukudayiswa kotshwala ngoba izwe lilwa nokubhebhetheka kweCovid-19 kodwa kumele kubhekelelwe nabasembonini yotshwala ukuze baphile.
“Siyafuna ukuthi kudayiswe utshwala ngoba ukuvalwa kwabo kunomthelela omubi kwabasebenza kule mboni. Kubalulekile ukuthi uma sivikela impilo yabantu baseNingizimu Afrika sikhumbule ukuthi abasebenzi kumele baphile,” kusho uPamla.
Uveze ukuthi banezingxoxo nohulumeni nabemboni yotshwala ukuhlahla indlela eya phambili ngalokhu.
“Kubalulekile ukuthi imboni yotshwala iqinise umkhankaso wokufundisa abantu ukuthi baphuze ngendlela ehlelekile. Siyazi uhulumeni uvale ukudayiswa kotshwala emuva kokugcwala kwabantu ezibhedlela, izingozi zomgwaqo nodlame emakhaya. Kufanele abantu bafunde ukuphuza ngendlela ehlelekile, kuqine nomthetho ngoba ukubuvala isikhathi eside akusona isisombululo, kushayeka abasebenzi,” kusho uPamla.
Abemboni yotshwala bathi miningi imisebenzi ezophela kusukela emapulazini, ezimbonini ezakha amabhodlela, ezivubela utshwala kuya kwezibudayisayo. Kuvele ukuthi isigaba sokuqala sokuvalwa kotshwala siqede imisebenzi ewu-118 000.
UMnuz Richard Rushton oyisikhulu esiphezulu sakwaDistell, uthe ucwaningo lwabo luveza ukuthi isigaba sesibili sokuvalwa kotshwala sizoholela ekudilizweni kwabasebenzi abawu-84 000 kule mboni. Uthe imboni isilahlekelwe yimali engaphezu kukaR15.4 billion futhi kuzothatha isikhathi ukuthi isimo sibuyele kwesijwayelekile.
EWestern Cape osomabhizinisi bezindawo zokudlela balufake enkantolo udaba lokuvalwa kotshwala.