I-COPE iyakuchitha ukuthi kukhona abaholi bayo abahlela ukushaya ngevoti lokungamethembi umengameli wabo uMnuz Mosiuoa Lekota ngemuva kokuthi inhlangano iphinde yangenza kahle okhethweni lwakamuva.
I-Cope ithole izihlalo ezimbili ePhalamende likazwelonke okhethweni lwangeledlule, okubeka engcupheni ikusasa leqembu njengoba lilokhu liqhubeka nokushaya udaka.
Leli qembu lagcina ukwenza kahle okhethweni luka-2009, ngemuva kokusungulwa kwalo ngo-2008, nguLekota ngokubambisana noMnuz Mbhazima Shilowa noMnuz Mluleki George.
UNobhala-jikelele weCope, uMnuz Alfred Kganare uthe bayazi mayelana nemibiko ethi kukhona abaholi abahlela ukuketula uLekota.
Uthe abekho abaholi abahlela ukukhipha uLekota esihlalweni.
“Kuyishwa ukuthi kunemithombo yezindaba eqhubekayo nokubhebhethekisa amanga yize sesicacisele ukuthi akunjalo,” kusho uKganare.
Uthe ngokomthethosisekelo weqembu, ilungu elifuna ukufaka ivoti lokungamethembi umholi othile kumele lifake isiphakamiso ehhovisi lakhe njengoNobhala-jikelele yena bese esidlulisela esigungwini esiphezulu ukuze sidingidwe.
“Asikho isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukamengameli esifakiwe ehhovisi lami,” kusho uKganare.
Uthe udaba lobuhlobo phakathi kukamengameli wabo ne-Afriforum baludingida nyakenye.
“I-Cope ayihambisani nokuthi kubuyekezwe isigaba somthetho uSection 25, ukuze kuthathwe umhlaba ngaphandle kwezinxephezelo,” kusho uKganare.
Uthe banelungelo lokusebenzisana nanoma iyiphi inhlangano enombono ofanayo nowabo odabeni lokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
Uthe bazocubungula imiphumela yokhetho bese beyabona ukuthi yikuphi lapho bengenzanga kahle khona njengoba sebelungiselela ukhetho luka-2021.