Izindaba

Icishe yasha yaphela inxanxathela yezitolo oLundi

Boniswa Mohale|Published

UKUBE alifikanga iloli elicisha umlilo livela esikhumulweni iPrince Mangosuthu Buthelezi Airport, ngabe ishe yangqongqa inxanxathela yezitolo Ulundi Plaza ngoba uMasipala wasoLundi awunalo iloli lokucisha umlilo omkhulu.

Lokhu kudalulwe yiMenenja kaMasipala wasoLundi, uMntwana uNkosenye Zulu, engxoxweni ekhethekile neSolezwe emuva kokusha kwezitolo ezinhlanu, ikhemisi nezindawo zokusebenzela odokotela ezintathu, oLundi Plaza, ngoLwesibili ntambama.

UZulu uthe umlilo uqale esitolo sefenisha i-OK Furniture wase uthungeleka ekhemisi, wadlulela ezitolo zezimpahla nasendaweni kadokotela wamehlo, eyowamazinyo neyowezifo zonke (GP).

“Imenenja yakwa-OK ithe umonakalo ubalelwa ngaphezu kuka-R2 million. Abanye abanikazi bezitolo bebesaqoqa impahla engashanga ngoba umlilo uqale kwa-OK kwase kuhanguleka ezinye izitolo. Sibuhlungu ngale nhlekelele evelile futhi sicela umhlonishwa uNkk Nomusa Dube-Ncube asilekelele sithole iloli lokucisha umlilo,” kusho uZulu.

Uthe uma kunomlilo baye basebenzise iveni enethangi lamanzi ukuwucisha kodwa le veni ihlulekile wukucisha owayizolo.

“Uma umlilo umkhulu siye sicele usizo kuMasipala waseZululand oneloli lokucisha umlilo elilodwa ukuzisa bonke omasipala abancane. NgoLwesibili, belisayoseviswa ngakho siye saxakeka. Kusize ukungenelela kweMeya yaseZululand, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, osicelele iloli lasePrince Mangosuthu Buthelezi Airport ukuba lizosicishela. Ukube alifikanga ngabe kushe yonke into,” kusho uZulu.

Uthe abakwazi ukuzithengela iloli labo lokucisha umlilo ngenxa yokuthi bathola imali encane kwisabelomali sikazwelonke futhi ababaningi abantu abakhokha ama-rates njengoba bengumasipala wasemakhaya.

Imeya yasoLundi, uMnuz Mfana Ntshangase, ithe baphatheke kabi ngokusha kwenxanxathela yezitolo ngoba kulapho abantu basemawadini awu-24 asoLundi bethenga khona.

“Siyathemba uphenyo luzocacisa ukuthi umlilo uqalwe yini ngoba kuyashaqisa ukusha kwezitolo. Siyacela abantu bakithi bazithibe bangayi ukuyocosha impahla eshile ngoba bangase bawelwe yisakhiwo njengoba sishile,” kusho uNtshangase.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwabakwa-OK Furnitures ayiphumelelanga ngoba abasekomkhulu labo bengathandanga ukuphawula ngokusha kwesitolo sabo esisoLundi.

UCaptain Nqobile Gwala, wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe bawutholile umbiko wokusha kwezitolo Olundi kodwa alikho icala elivuliwe futhi nembangela yomlilo ayakatholakali.

UMnuz Lennox Mabaso, ophethe ezokuxhumana eMnyangweni kaNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe kusazophenywa ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi uMasipala wasoLundi ungabi nezinhlelo zokucisha umlilo.

“Umnyango usiza omasipala abawu-54 futhi abathengelwa bonke amaloli okucisha umlilo. Kufanele uMasipala wasoLundi uhlele ukuthi uzozibhekelela kanjani izinhlekelele zomlilo. Akufanele uthathe imali ungenzi lutho,” kusho uMabaso.