ULENGELA eweni uMkhandlu waseMtubatuba, KwaZulu-Natal, ocishe wahlakazwa ngeledlule.
Lokhu kulandela ukungenela kukaNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neZindaba zoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
Ungenele ngesigaba 139(1) (b) okube ngenxa yezinsolo zenkohlakalo ezidale imibhikisho. “Kwale ngisho sizama ukuwesekela lo mkhandlu ukuze ukwazi ukuhlinzeka abantu ngezidingo kodwa konke kuphelele emoyeni. Ngikhuluma nje imali ayisekho nabasebenzi basengcupheni yokungaholi. Sizamile ukungenela ngokudlule sawuhlakaza, kwaba nokhetho lokuchibiyela kodwa konke lokho kubukeka kuphelele ezeni njengoba behlulekile abaholi bawo ukuwuphatha ngendlela,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Ngo-2017, lo masipala wahlakazwa ngemuva kokuvela kombiko kaNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Willies Mchunu owadalula amahlazo enkohlakalo yamathenda eyenikezwa izinkampani zaseThekwini kuphindelelwa.
UNkk Dube Ncube ugadle naseRichmond ngesigaba esifanayo. Uthe iRichmond ihlaselwe inkohlakalo engachazeki nokwebiwa kwemali. UMkhulumeli kaNkk Dube-Ncube, uMnuz Lennox Mabaso uthe:“Njengoba kufakwe * -section-139(1)(b), lokhu kusho ukuthi umkhandlu usuphethwe uNgqongoshe, nezinqumo sezithathwa nguye kodwa amakhansela asekhona. Lokhu kusho ukuthi kwale kancane uhlakazwe ngoSection 139 ( C ). Lokho bekuzochaza ukuthi uyaphela umsebenzi emadodeni,” kusho uMabaso.