Izindaba

Ibuyise ithemba eye-ANC - abahlaziyi

Boniswa Mohale|Published

ABAHLAZIYI bepolitiki bathi bubumbene ubuholi obusha be-ANC. Kusuka kwesokunxele nguMgcinimafa uNkk Nomusa Dube-Ncube, iPhini likaNobhala uMnuz Sipho Hlomuka, uNobhala uMnuz Mdumiseni Ntuli, iPhini likaSihlalo uMnuz Michael Mabuyakhulu noSihlalo uMnuz Sihle Zikalala ABAHLAZIYI bepolitiki bathi bubumbene ubuholi obusha be-ANC. Kusuka kwesokunxele nguMgcinimafa uNkk Nomusa Dube-Ncube, iPhini likaNobhala uMnuz Sipho Hlomuka, uNobhala uMnuz Mdumiseni Ntuli, iPhini likaSihlalo uMnuz Michael Mabuyakhulu noSihlalo uMnuz Sihle Zikalala

ABAHLAZIYI bepolitiki bathi kubuyise ithemba ukuqokwa kobuholi obusha be-ANC KwaZulu-Natal engqungqutheleni ebingempelasonto.

Umhlaziyi wepolitiki uMnuz Thabani Khumalo uthe ukuba khona kwengqungquthela ebe yimpumelelo kubuyise ithemba lokuthi izinhlaka ebezingezwani zibuyisene ngoba akekho ozwakalise ukungenami.

“Inselelo isisebuholini obusha ekutheni buyaqhubeka yini nobumbano esilubonile engqungqutheleni. Asibonanga izithunywa zishayana ngezihlalo. Lokhu kubuyisa ithemba nakubavoti. Siyathemba ubumbano esilubonile luzobonakala ezifundeni nasemagatsheni e-ANC,” kusho uKhumalo.

Uthe i-ANC Youth League (ANCYL) isenawo amandla ekuqokeni abaholi be-ANC futhi iyakwazi ukubakhankasela.

“I-ANCYL inawo amandla okuqoka abaholi be-ANC kodwa ayikwazi ukuba nesixazululo enkingeni yabantu abasha abangasebenzi. Ayinazo izixazululo zezinkinga ezikhungethe intsha,” kusho uKhumalo.

Omunye umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Protas Madlala uthe kuheleza umoya wokubuyisana kwi-ANC nakuba izilonda ezidalwe wukungaboni ngasolinye zingeke zisheshe ziphole.

“Abaholi be-ANC KwaZulu-Natal baphoqwa wukhetho ukuthi basebenzisane abakwazi ukwenza ngenye indlela ngoba uma bengabumbani sizohamba isifundazwe, balahlekelwe yizikhundla, uphele nombele wokudla. Bazoqhubeka nokubuyisana ngoba abafuni i-ANC ilahlekelwe ngamavoti okhethweni lwangonyaka ozayo,” kusho uMadlala.

Uthe ukusebenzisana kobuholi obuqokiwe nendlela izithunywa ze-ANC eziziphathe ngayo kuzobuya ithemba ebantwini akade sebezitshela ukuthi i-ANC ihlakazekile KwaZulu-Natal.

“Ngisho abantu abakade sebezitshela ukuthi bazovotela amanye amaqembu ngibabona bebuya kwi-ANC ngoba babonile ukuthi isibumbene. Bazoqhubeka nokuyivotela nangonyaka ozayo,” kusho uMadlala.

Ebuzwa ukuthi ngabe i-ANCYL isenawo amandla yini njengoba kubonakele ukukhankasa kwayo kufaka uMnuz Mdumiseni Ntuli esikhundleni sikaNobhala, uqale wabuza ukuthi isekhona yini?

“I-ANCYL ayisenawo amandla njengasesikhathini soFikile Mbalula noJulius Malema. Ayisakhulumi ngezinto ezithinta intsha ngqo, isisuthi amathenda, ayigijimi njengakuqala isenabaholi abalambile ababengamavolontiya. Sibona abaholi bayo begijima ngezimoto eziphambili manje sebedla imali yamathenda,” kusho uMadlala.

Ebuzwa ukuthi ngabe uMengameli Jacob Zuma uzoqhubeka yini nokulandelwa ngabantu abaningi, uMadlala uthe ubona esazoqhubeka nokwesekwa kodwa ubuholi obukhona ngeke buthande ukuphambana nobuholi bukazwelonke.

UKhumalo uthe bakhona abaholi besifundazwe abazokweseka uZuma kodwa iningi labo lizolandela okushiwo wubuholi bukazwelonke.

“Osopolitiki bayasebenza ngakho noma yini abayenzayo basuke becabangela ikusasa labo. Ngeke bafune ukuphambana nehlombe ngokuthi balandele uZuma yize esephumile emandleni. Bazolandela okushiwo ngosemandleni ukuze kuphephe izikhundla zabo,” kusho uKhumalo.Bheka ikhasi 14