Inkosi uMswati wesithathu nendodakazi yowayengumengameli, uJacob Zuma, uNksz Nomcebo Zuma, ofake ibhayi leMK, kanye nabasebukhosini baseSwatini
Image: Facebook
Kubikwa ukuthi ubuyele ekhaya uNomcebo Zuma (22) oyindodakazi yalowo owayengumengameli wakuleli uJacob Zuma ongumalokazana omncane wenkosi uMswati wesithathu
Ngokubika kwephephandaba laseSwatini, iThe Swaziland News, inkosi uMswati uthumele ithimba ekhweni eNkandla ukuba kubhungwe ngalolu daba.
Kuthiwa undlunkulu lo ukhala ngendlala yezinyanga engamuboni umyeni nokuyinto emdikibalisile. Kuthiwa leli thimba linezinsuku lafika kodwa aliyitholi endlebe kuNxamalala, kuthiwa ukubeke kwacaca ukuthi wayengahambisani nalo mshado kwasekuqaleni, wagcina evumile ngoba indodakazi yakhe ingezwa mshini.
Kungusiko lamaSwati ukuthi abasemzini bathumele abantu ekhweni uma kumuka umakoti kuxoxiswane anxuswe ukuba abuyele ekhaya.
Leli phephandaba lixhumane noMnuz Percy Simelane okhulumela inkosi wababaza isimanga ethi akayazi le abuzwa yona futhi I hhovisi lakhe liphawula kuphela ngezindaba ezithinta inkosi ngomsebenzi wayo, hhayi izindaba zayo zangasese.
“Angikwazi lokho kodwa futhi ngokwemigomo yomsebenzi wami angixhumi ezindabeni zenkosi zangasese,” kusho yena.