ABAFUNDI baseNdwedwe Primary bathola ukudla okunomsoco okuvela kwaBoxer, esithombeni wumfundi noMnuz Andrew Mills onguMqondisi wezokukhangisa kwaBoxer noNkk Lee-Ann Pillay obhekelele ezokukhangisa kwaBoxer Isithombe: SITHUNYELWE ABAFUNDI baseNdwedwe Primary bathola ukudla okunomsoco okuvela kwaBoxer, esithombeni wumfundi noMnuz Andrew Mills onguMqondisi wezokukhangisa kwaBoxer noNkk Lee-Ann Pillay obhekelele ezokukhangisa kwaBoxer Isithombe: SITHUNYELWE
ABAHOLA izibonelelo zikahulumeni bazokwazi ukuhola imali yabo yesibonelelo sikahulumeni ezitolo ezihlukene zakwaBoxer ezweni jikelele.
Ukuze bathole imali yesibonelelo sikahulumeni abantu kufanele beze namakhadi abo akwaSassa bese becela imali yabo.
UMnuz Andrew Mills ongumqondisi wezokukhangisa kwaBoxer, uthe:
“Siyawuthanda kakhulu umphakathi. Siletha imikhiqizo ehlukene futhi senza ukuthi abantu bahole isibonelelo sabo ezitolo zakwaBoxer. Ugogo uyakwazi ukuthola impesheni yakhe kanjalo nomama uyakwazi ukukhipha imali yakhe yeqolo. Bonke bazophathwa kahle,”
Uthe bayakwazi nokwenza igilosa ngekhadi lakwaSassa abantu ngoba inhloso kaBoxer wukuqinisekisa ukuthi abantu bathola imali yabo yesibonelelo endaweni ephephile bathenge nezimpahla ezihlukene ngentengo engambi eqolo.
Ngaphandle kokuholela abantu izibonelelo zikahulumeni iBoxer iphinde iphakele abafundi abawu-350 ukudla.
Laba bafundi baseNdwedwe Primary bathola ukudla okunomsoco kuvela kwaBoxer njengoba lesi sitolo sisebenzisana nenhlangano esiza umphakathi iCrossroads.
“Kubalulekile ukuthi izingane zidle zisuthe ukuze zifunde kahle esikoleni. Senza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi zithola ukudla okunomsoco,” kusho uNkk Lee-Ann Pillay oyiMarketing Manager eBoxer.
Uthe njalo ekuseni abafundi badla iMorvite nesidlo sasemini.