Izindaba

Ibongwe isadla anhlamvana inkosi ngamagalelo kwezemfundo

Nkosikhona Cele|Published

INKOSI Zenzo Zungu yesizwe saKwaMadlebe, eMpangeni, ebekade yenzelwe umcimbi wokuyibungaza ngeqhaza layo kwezeMfundo ezikoleni zakule ndawo

Image: SITHUNYELWE

IBONGWE isadla anhlamvana ngendina esiyikhathulile ekufukuleni ezemfundo kwiSekethe yaseMhlathuze Inkosi yesizwe saKwaMadlebe, eMpangeni. Inkosi Zenzo Zungu beyikade yenzelwe indumezuliu yomcimbi ngothishanhloko bezikole zakule ndawo ngenhloso yokuyibonga ngendlela efukula ngayo ezemfundo kule ndawo.

Kulo mcimbi obukade usehholo lomphakathi lakuyona le ndawo kuvele izinto eziningi ezenziwa yinkosi ezikoleni ezehlukene endaweni. Phakathi kwazo kubalwa ukuqinisekisa kwayo ukuthi kuba nokuthula ezikoleni iqeda izimpi, ilekelele abafundi abantulayo iphinde yehle yenyuka ifunele imifundaze labo bafundi abasuke bebonakala benze kahle ezifundweni zabo.

Ikhuluma neSolezwe inkosi ithe nakuba yenza konke okusemandleni ayo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi konke kuhamba kahle kwezemfundo ezikoleni zendawo kodwa lokho isuke ikwenza ingabheke inzuzo.

Idalule ukuthi ezemfundo ziyinto eseqhulwini kuyona ngoba ifuna ukuthi uma kwenzeka ihamba emhlabeni kodwa kukhulunywe indaba yokuthi ishiye isizwe esinabantu abasha abafundile hhayi ababalakele isikole.

''Ngifisa ukuthi uma ngihamba emhlabeni ngishiye isizwe esinabantu abasha abafundile futhi abakuqonda kahle kamhlophe ukuthi isho ukuthini imfundo kulesi sikhathi esiphila kusona,'' isho kanjena.

UMnuz Mandlakhe Khoza onguthishanhloko wesikole sakule ndawo iSigisi Primary uthe idinga ukushayelwa elikhulu ihlombe inkosi ngomsebenzi ewenzela izikole.

Uthe nabo kuyabajabulisa kakhulu ukuba nohlobo lwenkosi ezihlupha ngezemfundo ngoba lokho kudala ukuthi izinto zibe lula ezikoleni ezahlukene.

Uthe bekumqoka kakhulu ukuba inkosi ibongwe isadla enhlamvana ngeqhaza layo kwezemfundo.

''Kwezinye izikole ezikhona lapha kunamagumbi agcine esakhiwa ngenxa yosizo lwayo inkosi okuyinto esikholwa ukuthi idinga ukushayelwa elikhulu ihlombe. Ngisho izimpi zezigodi ebeziphazamisa izikole azisekho ngenxa yokuthi inkosi ibingenelela ngaso sonke isikhathi. Yingakho sikholwa ukuthi mkhulu umsebenzi inkosi esiwenzele izikole zethu kule ndawo," kusho uKhoza.

Ugcizelele kakhulu ukuthi amakhosi afana nalawa yiwona kanye adingekayo kulesi sikhathi samanje.Emcimbinii inkosi igixatshwezwe ngendathane yezipho ebezivela kothishanhloko bezikole zendawo.