SIVELE enkantolo isikhulu sikaMasipala waseHarry Gwala nabanye esasisebenza nabo abasolwa ngenkohlakalo yamathenda mbumbulu kaR1.3 million.
Kusolwa ukuthi uNkk Vuyokazi Mfeqa, oyisikhulu sezimali kuMasipala waseHarry Gwala nayesebenza nabo, bakhokhela izinkampani imali yomsebenzi ongazange wenziwe nowawungekho.
Yena nasolwa nabo asebasula kumasipala, uNkk Anthea Adams, Mnuz Raymond Hadebe, Mnuz Dumisani Mzolo nomunye (ongadalulwanga) bavele enkantolo yamacala athinta imali eThekwini izolo.
Umshushisi kuleli cala, uMnuz Mlungisi Magwanyana, utshele inkantolo ukuthi abasolwa basungula imisebenzi engekho bamema izinkampani zabantu ababazana nabo ukuthi zizofaka ama-invoice ukuze kube sengathi kukhona imisebenzi eziyenzile. Lokhu kwenziwa kusuka ngoDisemba 2016 kuya kuFebhuwari nyakenye.“Lokhu kwaholela ekutheni umasipala ulahlekelwe nguR1.3 million,” kusho uMagwanyana.
Umyeni kaNkk Adams uboshelwe ukwamukela imali ngendlela engafanele. Imantshi, uNkk Judy Naidoo, abanye abasolwa ibanike ibheyili kaR5 000 abanye banikwa ekaR3 000 noR2 000. Icala lihlehliselwe uNovemba 9 nonyaka.
Okhulumela oKlebe, uBrigadier Hangwani Mulaudzi, uthe banabo ubufakazi obuqinisa icala labo. Uthe akusho lutho ukuthola kwabasolwa ibheyili ngoba kuyilungelo labo. Uthe banamanye amacala ababamatanisa nawo athinta inkohlakalo kuwona umasipala.
Okhulumela uMasipala waseHarry Gwala, uMnuz Ndabezitha Tenza, uthe abahambisani nenkohlakalo kodwa bazolinda umthetho usebenze.
UTenza uthe ngumasipala owaqala uphenyo ngezinsolo zenkohlakalo wase uludlulisela emaphoyiseni udaba lwagcina lufinyelele koKlebe. Uthe abanye abasolwa basula sekuvele izinsolo kwasala oyedwa.
Okhulumela i-ANC eHarry Gwala, uMnuz Thabiso Zulu, uthe bazokwenza konke ukusiza abomthetho ukulwa nenkohlakalo.