UDEDELWE ngebheyili kaR3 000 umshayeli wetekisi eyashayisa abafundi abane kwashona abathahu eNewlands ngeledlule. UMnuz Sboniso Zwane ubevele eNkantolo yeMantshi eNtuzuma izolo. Waboshwa ngawo uLwesithathu ngemuva kwesigameko kulandela ukuthi ezinikele emaphoyiseni aKwaMashu.
Udedelwe ngaphansi kwemibandela yokuthi abike emaphoyiseni asoThongathi njalo ngoLwesithathu, kanti akavumelekile ukubonakala eNtuzuma.
UZwane uzobuyela ngoMeyi 6 enkantolo kanti ubhekene namacala amathathu okubulala ngokungenhloso nelilodwa lokuzama ukubulala.
UZwane ukhishwa ngebheyili nje izolo bekunenkonzo yesikhumbuzo salaba bafundi esikoleni iNewlands East Secondary.
Amalungu omphakathi abephume ngobuningi ukuzokhumbula u-Ayanda Mtshali (14), Luyanda Ngubane (13) noThina Ngiba (13). UBongeka Ngubane owasinda usagcinwe esibhedlela.
Uthishanhloko wakulesi sikole, uMnuz Philani Ndlovu, uthe lesi sikole silahlekelwe ngokushona kwalaba bafundi abathathu.
“Ngemuva kokubikelwa ngale ngozi kwaba nzima kakhulu kimi.
“Njengomphathi kwakulindeleke ukuthi ngiduduze abasebenzi nabafundi ngemuva kwalesi sigameko kodwa ngendlela engangihlukumezeke ngayo kwajike kwaduduzwa mina.
“Ngidabukile emoyeni, nesikole silahlekelwe kakhulu,” kusho uNdlovu.
Uthe uBongeka uyalulama esibhedlela kodwa ukhathazekile njengoba ebelangazelele ukubhala izivivinyo zokuphela kwekota yokuqala yonyaka.
Amalungu omphakathi nabafundi bebephume ngobuningi ukuzokhumbula u-Ayanda Mtshali (14), Luyanda Ngubane (13) noThina Ngiba (13).
Le nkonzo yesikhumbuzo ibihanjelwe ngezinye izikole, amakhansela, abefundisi, aboMnyango wezeMfundo, amaphoyisa nabaphuma ehhovisi leMeya weTheku uNkk Zandile Gumede.
UMnuz Phumelela Nkosi obephuma eMnyangweni wezeMfundo, uthe umphakathi kumele ubambisane ekukhuliseni izingane.
“Siwumnyango sizoqhubeka nokulwela abantwana bethu, hhayi uma besesikoleni kuphela kodwa kuze kube sekupheleni.
“Sifuna ubulungiswa benzeke futhi sigqugquzela nomphakathi ukuthi uqikelele ukuphepha kwabantwana bonke ngoba izingane zikhuluswa umphakathi,” kusho uNkosi.
Ikhansela uNksz Joice Johnson lidlulise amazwi enduduzo emndenini.
UMnuz Brandon Pillay obephuma ehhovisi lemeya, uthe umkhandlu ufuna izisulu zale ngozi zithole ubulungiswa.
“Sicela abashayeli bomgwaqo balandele yonke imithetho yomgwaqo ukuze begweme izingozi,” kusho uPillay.
Abomndeni walaba abashonile badlulise ukubonga emphakathini ngokwesekwa.
UNksz Zandile Cele obekhulumela umndeni wakwaNgubane ongunina omncane kaLuyanda, uthe yize zibuhlungu izinhliziyo zabo kodwa ukwesekwa asebekutholile kuyabathoba.
“Sibonga ukwesekwa wumphakathi noMnyango wezeMfundo.
“Siyazi bekungeke kujike lokhu obesekwenzekile kodwa ukwesekwa kusho lukhulu, siyabonga,” kusho UNksz Cele.
UNksz Nokuthula Ngiba onguninakhulu kaThina, uthe balahlekelwe yingelosi yabo, waphinde wabonga uxhaso abaluthole eMnyangweni wezeMfundo.
Uyise ka-Ayanda uMnuz Thulani Mtshali ohluleke ngisho ukukhuluma, uthe ulahlekelwe umuntu obefana nomngani.
Naye ubonge ukuxhaswa ukuze akwazi ukufihla indodakazi yakhe.
Laba bafundi bazofihlwa ngokuhlukana njengoba uLuyanda noThina bezofihlwa ngoMgqibelo KwaMashu. U-Ayanda uzofihlwa ngeSonto, eMpangeni.