UNGQONGQOSHE wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi uMnuz Mxolisi Kaunda ngesikhathi ebheka itekisi eyahlaselwa kwafa abawu-12 eColenso.
UDEDELWE ngebheyili ka R5 000, unogada oneminyaka engu-35, osolwa ngecala lokubulawa kosomatekisi abangu-12, abadutshulwa emgwaqweni uR74, eColenso bephuma emngcwabeni womphathi wabo eGreytown.

Lo msolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko. Beziqinile ezokuphepha ngesikhathi lo msolwa evela enkantolo.

Le ndoda inkantolo ecele ukuthi amagama ayo angaqale adedelwe emphakathini, iboshwe ngemuva kwezinsuku ezimbili kwenzeke isigameko okubulawe kuso abantu abangu-11, iningi labo okungosomatekisi.

Omunye umuntu ka-12, naye owalimala kulesi sigameko, washonela esibhedlela.

Laba bantu babephuma emngcwabeni wesikhulu sabo ebesinamatekisi eGoli uMnuz Phiwayinkosi Mthembu ngesikhathi bedutshulwa kade belalelwe unyendle.

Ngemuva kwalesi sigameko, uKhomishana wamaPhoyisa kuleli, uLt General Khehla Sitole, wayalela ukuthi angapheli amahora angu-72, bengaboshiwe abantu abenze leli cala.

Amaphoyisa awafuni ukukhuluma kakhulu ngalo muntu oboshiwe okwamanje osabekwe icala lokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Lo msolwa kuthiwa watholakala nezinhlamvu ze-AK 47, ezingu-73.

Umshushisi kuleli cala, uNksz Nosipho Gumede utshele inkantolo ukuthi amaphoyisa ayelunywe indlebe ngomsolwa nokwaholela ekutheni agasele emzini othile eSydenham, lapho athola khona izinhlamvu zishuthekwe ngaphansi kombhede.

Uthe amaphoyisa asalinde umphumela wokuhlolwa kwalezi zinhlamvu.

Umshushisi uthe umbuso awuphikisani nokuthi umsolwa anikwe ibheyili kodwa wakuveze ukuthi umsolwa usazodingeka enkantolo ngelinye icala.

Ummeli kamsolwa, uNksz Nolwazi Mzimela utshele inkantolo ukuthi umsolwa ungunogada enxanxatheleni yezitolo ethile eThekwini, nokuthi uhola uR2 900, ngenyanga.

Uthe angakwazi ukukhokha ibheyili kaR2 000, kuphela.

Icala lakhe lihlehliselwe uNovemba 8, ukuze kuqhutshekwe nophenyo.