BAZOHLOLWA ukuthi abakaze balahlwe yini amacala abazokwengamela ukhetho lukazwelonke lwangoMeyi 8.
Amagama abo azoyiswa emaqembini ezepolitiki ukuze abavume noma abachithe, uma kungukuthi bayaziwa amaqembu abacheme nawo ukuze iqembu lingakhali ngokuthi kukhona okungahambanga kahle ngoba lisola umuntu obengamele ukhetho kuleso sikhungo.
Lokhu kuvezwe yiMenenja yehhovisi laKwaZulu-Natal le-Independent Electoral Commission, uNkk Ntomb’futhi Masinga.
UNkk Masinga uthe isizathu esenza ukuthi amagama abazobe bengamele ukhetho bawayise emaqenjini yingoba abafuni kube nezikhalazo ngemuva kokhetho noma uma sekuvotwa.
“Asifuni bese kuba nezikhalo noma izinkulumo ngabantu abasuke beqokiwe. Uma kuzoba nezikhalo ngemuva kokhetho kuzobe kungabantu abadlala ipolitiki nje ngoba amaqembu sizowanika ithuba lokuthi aphawule ngabantu abajutshiwe ukuthi bengamele ukhetho,” kusho uNkk Masinga.
Uthe isizathu esenza babheke nokuthi umuntu ongamele ukhetho akaze alahlwe ngamacala yingoba bengafuni ukuqoka abantu abangabeka ukhetho engcupheni.
“Uma nje umuntu eke walahlwa yicala lokukhwabanisa impesheni kahulumeni, umuntu onjalo ngeke simthathe simphathise isikhungo ngoba asimazi noma angakokotela ukhetho uma ekwazi ukokotela impesheni. Yingakho sizobheka ukuthi umuntu akakaze yini alahlwe amacala.”
Usho lokhu nje kuhlale kunezikhalo ngokuthi i-IEC ijwayele ukuqasha abantu abasuke besebenza iyeke intsha esuke ingasebenzi.
Okukhalisa kakhulu ukuqashwa kwamalungu enyunyana iSadtu angothisha asuke ephethe izikhungo zokuvotisa. I-IEC yathi okwenza kuqashwe kakhulu othisha ingoba kusuke kuyibo abazi izikhungo okuvotwa kuzona, iningi lazo okuyizikole, bezokwazi ukusiza uma kuphela ugesi lapho kuthintwa khona nezinye izinto ezingadingeka.
UNkk Masinga uthe baqashe abantu ababalelwa ku-80 000 ukusebenza ngokhetho.
“U-90% wezikhungo zethu yizikole ngoba awukho umphakathi osuke ungenaso isikole. Zikhona nezinye okuvotelwa kuzona ezingaphezulu kuka-100 okungamatende. Sisebenza noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana ukuze okungenani kwakhiwe amahholo kulezi zindawo. Sisebenzisana kahle noMnyango wezeMfundo njengoba izikole kuyizo esizisebenzisa kakhulu.”