UZWA ubuhlungu obuphindwe kabili umndeni walapho kuzalwa khona uSonhlalakahle waseHenley Village, eMgungundlovu, obulawe ngesihluku ngeledlule, akukaziwa ukuthi uzongcwatshwa nini.
UNkk Daisy Vilakazi (34), udutshulwe wabulawa evula isango lakwakhe ngoLwesine, ephuma emsebenzini.
Ubesanda kushonelwa ngumyeni wakhe uMnuz Sibusiso Vilakazi, owafa ngokudutshulwa ngo-Okthoba nyakenye.
Ngokusho kukanina kaNkk Vilakazi, uNkk Jabulile Madlala (70) yizinxushunxushu zomndeni eziholele ekutheni kubulawe indodakazi yakhe. Uthi yizo futhi eziholela ekutheni bangazi ukuthi indodakazi yakhe izongcwatshwa nini, yize sekuphele izinsuku eziyisikhombisa yabulawa.
“Ingane yami ibiphila ngokwesaba, kusukela kwabulawa ngesihluku umyeni wayo. Indodana ebingayizali ebisikhulile ilikhiphe ngesihloko emva kokudutshulwa kukayise, ukuthi isizithengile izinkabi ezizoqeda ngaye,” kusho uNkk Madlala.
Uthe inkulumo yale ndodana yayisho nakumalungu omndeni uqobo, kangangoba kuye kwazanywa ukuthi kubizwe umhlangano womndeni kodwa abadala bomndeni okwakufanele bawengamele, abangafika.
Uthe ngokubonakala ukuthi izinsongo ziyaqhubeka kodwa akukho umndeni ozimisele ngokukwenza, udaba ludluliselwe enduneni yendawo, ebize zonke izinhlangothi ezithintekayo kodwa nakhona kwaba namalungu omndeni aqavile angazange alubhade.
“Kuze kwaphoqa ukuthi uhlehliswe umhlangano, osukwini olukujana kanti ngeke lusamfica undodakazi wami ngoba esebulewe,” kusho uNkk Madlala.
Uthe okubazwisa ubuhlungu ukuthi bengabakwaMadlala, banqatshelwe ukuthi bazingcwabele umufi ngoba kuthiwa abanalo ilungelo ngoba uganile.
“Ngizwa ubuhlungu obuphindaphindiwe ngingumzali, ukuthi ingane yami ifike yahlukumezeka emveni kokubulawa komnyeni wayo. Akwangagcina lapho, yasocongwa. Manje uma isibulewe, isihlaliswa emakhazeni,” kusho uNkk Madlala.
Indodana ebisongela unina kusolwa ukuthi noyise yayimsongela.
“Uyise ubulawa nje, kwakukade kuphele amasonto amabili exabene nayo le ngane maqede wayixosha, wathi akafuni ukuphinde ayibone ngamehlo akhe. Kukhona izinkulumo ezishiwo amalungu omndeni wakwaVilakazi, zokuthi kukhona lapho eseke yasho ukuthi kwayena uyise yamthengela izinkabi,” kusho uNkk Madlala.
Uthe uyabona ukuthi indodakazi ibulawelwe ifa lomyeni wayo ngoba kuthiwa ubengumacaphuna kusale njengoba ubenamathenda.
“Kuke kwavela ukuthi ithi ifuna ukuhlomula emafeni kayise, kwathi uma undodakazi wami ethi ayisondele nganeno izosho ukuthi ifuna ukuhlomuka kangakanani, kuthiwa yangakwenza lokho ngoba ithi izifuna zonke izinto zikayise,” kusho uNkk Madlala.
Induna yendawo uMnuz Thinasonke Ntombela, ithe iyalwazi udaba lwemindeni yomibili kodwa ayifuni ukungena igamanxe kulo ngoba bese lubikwe nasemaphoyiseni.
UMnuz Skhumkani Vilakazi, umfowabo womyeni kamufi, uvele waphakanyelwe umoya ngesikhathi ethintwa, wathi kungani intatheli ingayiphosi emndenini wakwaMadlala imibuzo yayo.
“Ngelanga umufi abulawe ngalo bangilwisa, bathi yimi engimbulele. Isono sami ukuthi ngithulile. Bathi ngithulile ngangakhuza ingane ilwisa usingamama wayo. Angazi ukuthi yini obekulindeleke ukuthi ngiyenze ngoba kwale ngane okukhulunywa ngayo lana (usingandodana kamufi) umuntu omdala oneminyaka ela ko-24. Okunye okubuhlungu ukuthi indaba yabo yokungazwani akusiyo into eqale ngoba sekufe umfowethu. Indaba endala ebiyenzeka ngisho kusaphila umfowethu, ebesingayingeni nangaleso sikhathi ngoba kunzima ukungena indaba yengane ezalwa ngaphandle,” kusho uMnuz Vilakazi.
WE STILL WAITING FOR POLICE COMMENT