ISTANDARD Bank inike osomabhizinisi abancane nezitshudeni ikhefu lokuphefumula bangakhokhi izinyanga ezintathu kulandela ukubheduka kweCoronavirus.
“Siyayazi ingcindezi ebhekene nosomabhizinisi abancane. Sifisa ukubanika ikhefu lokungakhokhi izinyanga ezintathu kulabo abenza inzuzo enguR20 million kuya phansi.
“Leli khefu liqala ngenyanga ezayo,” kusho abaleli bhange esitatimendeni.
Leli bhange lithe lizokwakha imigomo emisha yokukhokha kosomabhizinisi abancane.
Isikhulu esiphezulu saleli bhange, uMnuz Lungisa Fuzile sithe: “Sethemba ukuthi lokhu kuzosiza kakhulu njengoba kunenkinga yeCoronavirus.
“Izitshudeni eziboleke imali yokufunda kodwa ezifunda ngokugcwele zizothola ikhefu lokungabuyisi imali yokufunda kusuka ngenyanga ezayo kuze kube uJuni.
“Akuzoba nanzalo, akudingeki ukuthi umuntu afake isicelo ukuze angakhokhi.”
Amakhasimende anxusiwe ukuthi axhumane nebhange ukuze achaze udaba lwawo, enzelwe izinhlelo zokuthi abuye akhokhe noma ahlanganise izikweletu.
I-DA isincomile isinyathelo saleli bhange sokwenza lokhu.
Khonamanjalo, iTelkom imemezele ukuthi izoxhasa ngoR15 million ezinhlelweni zokulwa naleli gciwane kuleli.
UMnuz Sipho Maseko, isikhulu esiphezulu kwaTelkom, uthe le mali izosiza abasebenzi bezempilo okuyibo abasekhaleni lokulwa nalolu bhubhane.