Izindaba

Ibhange landisa amathuba omsebenzi

Boniswa Mohale|Published

ICAPITEC ithi kwande amakhasimende futhi izodala amanye amathuba omsebenzi Isithombe: REUTERS/Mike Hutchings ICAPITEC ithi kwande amakhasimende futhi izodala amanye amathuba omsebenzi Isithombe: REUTERS/Mike Hutchings

NGESIKHATHI amanye amabhange ediliza abasebenzi ekhala ngokuthi ubuchwepheshe besimanje bushintsha indlela yokusebenza, iCapitec iveze ukuthi izoqasha abasebenzi abangu-600 kulezi zinyanga eziyisithupha.

Ngesonto eledlule iCapitec imemezele ukuthi ingenelwe yinzuzo enyuke ngo-20% okusho ukuthi yenze uR2.9 billion onyakeni wezimali ophele

ngo-Agasti.

Isikhulu esiphezulu saseCapitec uMnuz Gerrie Fourie, sithe ngesikhathi bethula ubuchwepheshe besimanje abazange babashiye ngaphandle abasebenzi yingakho bezokwandisa amathuba omsebenzi.

Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba uFourie uthe amakhasimende abo asebenzisa ubuchwepheshe besimanje ande ngo-45% aya ku-6.8 million kuthi awu-2.9 million kube yilawo asebenzisa i-banking app njalo.

Uthe ngenyanga bathola amakhasimende awu-200 000 okusho ukuthi anyuke ngo-12.6 million amakhasimende abo.

Uphinde waveza ukuthi bazovula amagatsha awu-20 ungakapheli lo nyaka.

“Sizoqhubeka nokuvula amagatsha amasha, sigqugquzele amakhasimende ukuthi asebenzise ubuchwepheshe besimanje. Ubuchwepheshe sibusebenzisela ukwenza impilo yabantu ibe lula. Sinenhlanhla yokuthi siyakhula ngesikhathi ozakwethu benezingqinamba. Abanye bayadiliza thina siyaqhubeka nokuqasha abantu. Sizoqasha abasebenza njengama-service consultants nama-data scientists.”

Uthe bazoqhubeka nokuletha ubuchwepheshe obuzosiza amakhasimende abo ukuze akwazi ukuqhubeka nokubhanga ngendlela yesimanje.