IMEYA esanda kufungiswa kumasipala wesifunda iKing Cetshwayo, uMnuz Lindokuhle Phungula, isizibophezele ekusheshiseni uhlelo lokulethwa kwamanzi nokuthuthwa kwendle ezindaweni ezakhele lo masipala.
Lo masipala ukomasipala ababhekene nenkinga yamanzi nosekuholele emibhikishweni enodlame.
Usubeke eceleni uR1 billion, ozosetshenziswa ezinhlelweni zokuhanjiswa kwamanzi kulo nyaka wezimali ozophela ngoJuni.
UPhungula, ogaxwe amaketango obumeya emhlanganweni womkhandlu obungoLwesine, uthe le mali izocazwa ezinhlelweni zokwakhiwa kwengqalasizinda yamanzi komasipala basekhaya abangaphansi kweKing Cetshwayo.
Njengoba ezinye izingxenye zalo masipala zisalethelwa amaloli amanzi, uPhungula uthe baneqhinga lokuwaqeda kancane kancane amaloli, abantu bawathole emakhaya amanzi.
“Amanzi kanye nokuthuthwa kwendle kungenye yemisebenzi emqoka kamasipala wethu. Sizimisele ukushintsha impilo yabantu.”
UPhungula unxuse ukuba kube nokubambisana kumasipala.
“Kumele sisebenze ngokubambisana, sibeke eceleni ukuhlukana kwethu ngokwamaqembu ezepolitiki, ukuze senze isiqiniseko sokuthi abantu bakithi bayawathola amanzi.
“Ukungatholakali kwamanzi kuholela emibhikishweni enodlame kanye nokucekelwa kwengqalasizinda. Sinxusa bonke ukuthi baxoxisane nathi, uma bebona kubalulekile ukuthi babhikishe, sicela babhikishe ngaphandle kokusebenzisa udlame.”
UPhungula, ongumgcinimafa we-ANC kwisifunda iMusa Dladla, ubekade eyisekela lmeya kulo mkhandlu.
Ungena esikhundleni sikaNkk Nonhle Mkhulisi, oshone ngonyaka odlule kulandela ukuhaqwa ubhubhane iCorona.
Emva kokufungiswa kukaPhungula kwesobumeya, kube sekufungiswa uNksz Jabulile Vilakazi, njengesekela lemeya.