I-BEER Association of South Africa (Basa) ithi izocela ukuhlangana noMengameli Cyril Ramaphosa maduze ngodaba lokuvalwa kokudayiswa kotshwala kuze kube wuFebhuwari 15.
NgoMsombuluko, uRamaphosa uthe utshwala angeke budayiswe njengoba izwe lisavalwe ngokwesigaba sesithathu.
Uye wakubalula ukuthi amagumbi abalimele kakhulu banawo abantu ngenxa yokuthi utshwala buvaliwe.
Isikhulu esiphezulu seBasa uNkk Patricia Pillay, sithe bazocela umhlangano noRamaphosa ngoba ukuvalwa kokudayiswa kotshwala kuzoqeda inqwaba yemisebenzi kuvalwe namabhizinisi.
“Ngonyaka odlule sisebenze izinyanga ezintathu kuphela. Kuphele imisebenzi ewu-165 000 kubantu abasebenza kule mboni yethu. Maningi amabhizinisi otshwala azowa uma uhulumeni eqhubeka nokubuvala. Uhulumeni kufanele akhumbule ukuthi baningi abantu abancike kule mboni ukuze baphile,” kusho uNkk Pillay.
IBasa imele abakhiqizi bakabhiya abancane nabakhulu okukhona kubo iHeineken SA neSouth African Breweries.
UMnuz Lucky Ntimane weNational Liqour Council, uthe uhulumeni akakaze akhulume nabemboni yotshwala.
Uveze ukuthi abanikazi bamathaveni awu-250 000 basengcupheni yokuvala amabhizinisi abo.
Uthe bayathanda ukuxoxa nohulumeni ngoba wagcina ukuxoxa nabo ngoDisemba, akakaze akhulume nabo ngaphambi kokuthatha izinqumo zakamuva.
UMnuz Stanford Mazhindu wenyunyana yabasebenzi i-Uasa, ucele uhulumeni ukuthi alekelele osomabhizinisi abavalile njengamanje ukuze bakwazi ukuholela abasebenzi.
“Imboni yotshwala neyezokuvakasha ishayekile, ngakho uhulumeni kufanele eze noxhaso oluthile ukulekelela lezi zimboni ukuze abasebenzi bakwazi ukuphila. Sicela abasebenzi ukuthi baqhubeke nokuzinakekela balandele imithetho yokuvalwa kwezwe ngokwesigaba sesithathu,” kusho uMazhindu.