Izindaba

Ibanjwe icashe eLamonti inkabi ebifunwa uthuli

Mbali Khanyile|Published

AMAPHOYISA aphenya ukubulawa kwabantu ehostela eGlebelands, abophe inkabi ebanjwe isekubhaceni eLamontvile ebifunwa uthuli mayelana namacala amabili okubulala.

AMAPHOYISA aphenya ukubulawa kwabantu ehostela eGlebelands, abophe inkabi ebanjwe isekubhaceni eLamontvile ebifunwa uthuli mayelana namacala amabili okubulala.

NgoLwesihlanu kuboshwe uMnuz Thobani Kwazikwakhe Mahobo (35) owaziwa ngelikaLaqhasha esekubhaceni. Umsolwa ogcinwe esitokisini njengoba amaphoyisa esaqhuba uphenyo, kulindeleke ukuthi abuyele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngoFebhuwari 22.

Kuthiwa ngoNovemba 15, ngonyaka odlule, umufi u-Anele Chutshane noPhumlani Ntozakhe, bobabili abaneminyaka engu-27, badutshulwa ngumsolwa bashona bephuma endlini yabo.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbele, uthe bashonela endaweni yesehlakalo.

Uthe umsolwa unelinye icala abhekene nalo lokushaya intombi yakhe ngenhloso yokuyilimaza okuyisehlakalo esenzeka kuleli hostela ngoJuni nyakenye.

La macala athunyelwa ehhovisi lesifundazwe eliphenya amacala ahleliwe kanti umsolwa kuzobhekwa ukuthi akathinteki yini kwamanye amacala kulesi sifundazwe.

Kwesinye isehlakalo uBheki Goodman Cele (51) ugwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili, yinkantolo hyaseMlaza ngokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

NgoMashi 20, 2018 uCele waboshwa yithimba eliphenya amacala aseGlebelands, emuva kokutholakala kwesibhamu sihlohlwe izinhlamvu kuleli hostela.