UDKT Favour Mabaso ibandla aliholayo elihlele umkhuleko
Image: SITHUNYELWE
UKUDLANGA kwezinkinga ezehlukene ezikhona edolobheni iTheku seziholele ekutheni ibandla labasindisiwe iHome of Divisity lihlele indumezulu yomkhuleko ngenhloso yokubikela uNkulunkulu ngalolu xhaxha lwezinkinga. UDkt Favour Mabaso ongumholi waleli bandla udalule ukuthi le nkonzo yomkhuleko izokuba ngoJuni 21 ngaphandle kwaseCity Hall.
Uthe kuyakhathaza kakhulu ukubona abantu baseThekwini behleli ngesinqe esisodwa ngenxa yezinkinga ezibonakala zihlalise lubhojozi abahlali baseThekwini. Phakathi kwezinkinga athe zikhungethe iTheku ezizokhulekelwa kufaka phakathi ubugebengu obudla lubi kuleli dolobha, ukushushumbiswa kwezingane nabesifazane, ukudayiswa kwezidakamizwa nokunye okuningi.
UMabaso uthe umkhuleko unamandla enele okuguqula izinto yingakho bebone kungcono ukuba babikele uNkulunkulu ngazo zonke izinkinnga ezikhungethe iTheku.
''UNkulunkulu unamandla okwenza konke yingakho sibone ukuba simane sisondele kuyena ngomkhuleko ngoba siyabona ukuthi manje konke sekumele siguqe ngedolo," usho kanjena.
Uthe njengebandla likaNkulunkulu kuyabakhathaza ukubona izinto zibhimba ngaphakathi eThekwini.
"Umkhuleko sikholwa ukuthi yiwona kuphela manje ongaxazulula izinkinga ezikhona lapha eThekwini,'' usho kanjena.
AMALUNGU ebandla ngesikhathi kunalolu hlobo lwenkonzo ngoFebhuwari
Image: SITHUNYELWE
Uthe okudala ukuthi bakhulekele leli dolobha yingoba nalo ibandla labo likhonzela ngaphakathi kuleli dolobha ku-56 Maud Mfusi.
''Njengoba sikhonzela kulona leli dolobha okwenzeka kulona nathi njengebandla kuyasithinta ngezindlela ezehlukene. Sifisa ukubona uNkulunkulu eletha uzinzo edolobheni lethu kube nokuthula,'' usho kanjena.
Leli bandla elineminyaka emithathu lasungulwa uthe bafuna ukuthi libe elibonakala lenza umehluko omkhulu endaweni elikuyona. Uthe nakuba le nkonzo ihlelwe yibona kodwa balindele namanye amabandla ukuba abe yingxenye yomkhuleko.
Leli bandla kade linenkonzo efanayo ekuqaleni kukaFebhuwari.
Related Topics: