UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize uthi inhlangano eyengamele ezempilo emhlabeni iWorld Health Organization (WHO) ayihambisani nokuqala kokuxegiswa kwemithetho ngokwezigaba eNingizimu Afrika njengoba ibona leli lizwe ingakakulungeli lokho.
UMkhize uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma nongoti bezempilo ngoLwesibili ebusuku behlaziya isimo sezwe empini neCovid-19.
Kushone elayizolo bebalelwa ku-17 200 abantu abahaqwe yiCovid-19 kuleli kanti leli gciwane selibulale abantu abawu-312. Kusukela ekuqaleni kwale nyanga iNingizimu Afrika ingene esigabeni sesine sokuvalwa kwezwe njengokomyalelo womkhandlu obekelwe ukubhekana neCovid-19 kuleli. Umengameli Cyril Ramaphosa ngeledlule uthe izwe lizongena esigabeni sesithathu sikathaqa.
Nokho, okumenyezelwa nguRamaphosa nomkhandlu, kubukeka kungahambisani nemiyalelo ebekwe yiWHO yokunqanda leli gciwane.
"IWHO ithe kumele kubonakale ukuthi isibalo sesiqala ukwehla, isibalo sabathelelekayo singabe sisakhuphuka. Asisondele nakancane kulokho," kusho uMkhize.
UNgqongqoshe nokho uthe akuyona yodwa into abayibhekile ngaphambi kokunquma ngokuvulwa kwezwe ngokwezigaba.
"Sicabanga ngezinye izinkinga njengendlala emphakathini, ukuhlenga imisebenzi nomnotho kanti kusamele nezimpilo zabantu zibuyele esimeni esijwayelekile. Yizinto lezo okumele kucatshangwe ngazo."
UMkhize uthe okunye okubenze bathathe lesi sinqumo ngukuthi ukuthelelana kwabantu emphakathini akwenzeki ngesivinini esiphezulu ngaphandle kwasezifundazweni iWestern Cape ne-Eastern Cape muva nje.