UMNUZ Thami Malunga uthi wenze enhle imali ngesikhathi amukela izivakashi ebezidinga indawo yokupaka izimoto eMlaza zihambele eYadini

UMNUZ Thami Malunga uthi wenze enhle imali ngesikhathi amukela izivakashi ebezidinga indawo yokupaka izimoto eMlaza zihambele eYadini

IZELAMANI zakwaNgcobo eMlaza uMandisa, Bongekile noThando Ngcobo abawuvali umlomo ngenzuzo abayenze ngempelasonto yeVodacom Durban July
Izithombe: DOCTOR NGCOBO
IZELAMANI zakwaNgcobo eMlaza uMandisa, Bongekile noThando Ngcobo abawuvali umlomo ngenzuzo abayenze ngempelasonto yeVodacom Durban July
Izithombe: DOCTOR NGCOBO
BABONGA osomabhizinisi baseMlaza omakhelwane bezindawo zobumnandi ezimbili, iMax’s Lifestyle naseYadini abathi zibazuzise kakhulu njengoba bezinemcimbi ehambisana neVodacom Durban July.

Kusukela ngoLwesihlanu eYadini bekunemicimbi obekugcwele kuyo osaziwayo kukhona nabaculi abanohlonze kanti eMax’s Lifestyle bekukhona uSjava nakhona kugcwele.

NgeSonto kuzona zombili lezi zindawo bekunemicimbi okuze kwasa ekuseni kunandisa abaculi okukhona kubo U-AKA, Kwesta, Babes Wodumo, DJ Tira, Dladla Mshunqisi nabanye.

Omakhelwane bathe ukupakisa izimoto emizini yabo kubashiye bebomvu yimali.

UNkk Constance Mathe, owakhelene nakwaMax, uthe kuhlala kuyisibusiso ukwakhelana nalezi zindawo ngoba uyazuza uma kunemicimbi.

“Yize kulokhu kungasebenzekanga kahle kodwa khona siyasizakala ngempela. Le nto yokupakisa izimoto la ekhaya ngayiqala kudala ngisabiza uR20 kodwa uma kunguJulayi kanje noma uDisemba ngibiza uR150,” kusho uNkk Mathe.

UMnuz Thami Malunga owakhelene nendawo yaseYadini uthe yize kwakungemnandi kuvulwa le ndawo ngenxa yomsindo kodwa manje bajabule.

“Samlethelwa yinkosi uMjay njengoba mina ngalo mcimbi nje uwodwa ngenze imali engaphezu kukaR5000. Kusuka ngoLwesihlanu bengipakisa abantu bese bekhokha uR200. Siyabonga asiqedi njengoba nathi kukhona esikuzuzayo,” kuchaza yena.

UMNUZ Thami Malunga uthi wenze enhle imali ngesikhathi amukela izivakashi ebezidinga indawo yokupaka izimoto eMlaza zihambele eYadini


Uthe okujabulisa kakhulu ukuthi abantu abapaka emizini yabo babanika imali engaphezu kwale abebethembisene yona.

Izelamani zakwaNgcobo, uMandisa, Bongekile noThando ezihlala phakathi kwazo zombili lezi zindawo zithi azizisoli ngokupheka ukudla zikudayise ngeSonto ebusuku.

“Sithenge ukudla kukaR1500 sapheka sadayisa amapuleti. Besiqala ukwenza into efana nalena futhi ngeke siphinde siliyeke leli thuba sizuze kakhulu,” kuchaza lezi zintokazi.

Zithe zenze imali elinganiselwa kuR10 000 kanti ukudla ebezikukalile kusheshe kwaphela kwadingeka ukuthi zithenge okunye.