Izindaba

I-Unisa iphonsela ungqongqoshe inselelo ngolomlawuli

Phili Mjoli|Published

USOLWAZI Ihron Rensburg oqokwe uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme kuleli, uDkt Blade Nzimande, ukuba abe umlawuli we-University of South Africa Isithombe: SIGCINIWE

INYUVESI yaseNingizimu Afrika, i-University of South Africa (Unisa), ithi uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme kuleli ube namawala ngokuyifaka ngaphansi kukamlawuli, ekubeni udaba lusasenkantolo.

Le nyuvesi ikusho lokhu ngemuva kokuthi uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme kuleli, uDkt Blade Nzimande, ememezele ngoLwesihlanu ukuthi isikhungo usifaka ngaphansi kweso lomlawuli, uSolwazi Ihron Rensburg.

Iziphendulela ngalesi sinqumo i-Unisa ithumele isitatimende ithi udaba belusasenkantolo kulandela ukuthi inyuvesi yafaka isicelo sokuthi kumiswe ukufakwa kwayo ngaphansi kukamlawuli ngemuva kokuthi ungqongqoshe eyazise ukuthi uzokwenza lokho.

“Inkantolo beyingakasikhiphi isinqumo sayo njengoba ungqongqoshe eseqhubekile wakwenza lokhu. Ngaphezu kwalokho ungqongqoshe lesi simemezelo usenze ngesikhathi lapho izitshudeni seziqale ukubhala izivivinyo zazo zokuphela konyaka, okuyisikhathi esibucayi. Izitshudeni ezingu-50 000 zisanda kuphothula izifundo zazo kule nyuvesi. Kusasele imicimbi eyisithupha yokwethweswa kwazo iziqu okumele yenziwe inyuvesi,” kusho isitatimende.

Le nyuvesi ithi ayiphikisani nokuthi ungqongqoshe enze umsebenzi wakhe kodwa ifisa ukuthi kulandelwe umthetho.

“Ngenxa yalokhu inyuvesi isifake isicelo enkantolo. Ifuna ungqongqoshe ahoxise isimemezelo asenze ngoLwesihlanu,” kusho isitatimende.

UDkt Nzimande ubhale emqingweni kahulumeni oshicilelwe ngoLwesihlanu, ukuthi uqoka uRensburg ukuthi abe wumlawuli ozolawula le nyuvesi.

Ngokwalo mqingo umlawuli uzobika kungqongqoshe ngokubhala imibiko emibili ngonyaka futhi kufanele uma eqedwa ukuqokwa, athumele umbiko obhaliwe kungqongqoshe zingakapheli izinsuku ezingu-30.

URensburg uzolawula le nyuvesi iminyaka emibili, kule minyaka uzobe enza yonke imisebenzi yokuphatha nokulawula le nyuvesi.

Isinqumo sikaNgqongqoshe sokufaka i-Unisa ngaphansi komlawuli silandela izincomo zikaSolwazi Themba Mosia nombiko wethimba elalijutshwe ngungqongqoshe, ebeliholwa nguDkt Vincent Maphai phambilini kule nyanga.

Umbiko kaMosia waveza ukuthi ukungaphathwa kahle kwezimali nezinye izinto eziwukungaphathi kahle kuphazamise ukusebenza ngendlela efanele kwale nyuvesi.

URensburg uke wasebenza njengesekela-shansela kanye nomphathi we-University of Johannesburg (UJ) phakathi kuka-2006 no-2017.

Uguqule lesi sikhungo saba esinye sezihamba phambili eNingizimu Afrika, e-Afrika nasemhlabeni jikelele kwezemfundo.