Izindaba

I-UKZN nomlando wobuchwepheshe bokusiza izitshudeni ezingaboni

Simangaliso Ntshangase|Published

ABAMILE kusukela kwesokunxele uDkt Roshanthi Subrayen, Siyabonga Shabane, Thandeka Ngcobo, Londiwe Ndaba, Siboniso Mabuza, Bright Sello, Phiwayinkosi Mungwe Abahlezi uDerrick Munyai, Mukhtar Khan, no-Amith Ramballie

Image: SITHUNYELWE

ENYE yamanyuvesi asesifundazweni i-University of KwaZulu-Natal isiqophe umlando iba yinyuvesi yokuqala yakuleli zwe ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukwakha nokunikezela ngezibuko zamehlo ukusiza izitshudeni ezinhlanu ezingaboni kahle emehlweni ezibizwa phecelezi ngokuthi ngama-smart AI Glass. 

Lolu hlelo lwenziwe kule nyuvesi wuhlaka lwakhona i-UKZN Foundation ngokubambisana ne-Sensory Solutions enikele ngalezi zibuko ohlakeni lwale nyuvesi olubhekele izitshudeni ezikhubazekile olubizwa ngokuthi yi-University's Disability Support (DSU), okunikezelwe ngazo ezitshudenini oMnuz Bright Sello, Nksz Thandeka Ngcobo, Nksz Londiwe Ndaba, Mnuz Siboniso Mabuza noNksz Thembisa Xolo.

Okuhle kakhulu ngalezi zibuko wukuthi zakhiwe ngobuchwepheshe bezinga eliphezulu okusiza ozigqokayo ongaboni kahle emehlweni ukuthi abone, Zizinye zibiza uR75 000 uma uzithengela zona ngokwakho, okusho ukuthi njengoba zinhlanu lezi ezininikezelwe izitshudeni - zibiza uR375 000 sezizonke.

IZITSHUDENI zase-UKZN uMnuz Bright Sello noNksz Londiwe Ndaba begqoke izibuko ezenziwe ngobuchwepheshe besimanje ukusiza abanenkinga yamehlo

Image: SITHUNYELWE

Lezi zibuko zehluke ngokuthi azisizi ukuthi ukwazi ukubona kuphela, kepha zikwazi ukuxhumana ne-camera yazo esiza ukucaphuna umbhalo ophambi kwazo, uzisondeze eduzane ngendlela yokuthi ukwazi ukubona ukuthi kubhalwe ukuthini, futhi zikwazi nokucaphuna amazwi okukhulunywayo enjengoba enjalo, bese zenza ukuthi lowo ozisebenzisayo akwazi ukukusebenzisa sekuyinto ebhalwe phansi ukuze kiube lula ukufunda.

Isitshudeni esikwezihlomule ngalezi zibuko uSello, owenza unyaka wesine kwi-Bachelor of Science, uthe ujabule kakhulu ngento enhle kangaka abayenzelwe yi-UKZN, athi kuzobe kungokokuqala ngqa ezizwa futhi ezibona engasaleli emuva ezifundweni zakhe njengoba manje naye esezokwazi ukufunda kahle nangendlela ejwayelekile njengezinye izitshudeni.

ISITSHUDENI sase-UKZN, uMnuz Bright Sello, sijabuliela ukunikezelwa ngezibuko zobuchwepheshe besimanje ezizosisiza sibone uma kufundwa

Image: SITHUNYELWE

"Ngiyakhumbula ukuthi ngendlela obekunzima ngayo bekuthi kufundwa egunjini lokufundela ngingakwazi ukulandelela kahle esifundiswa khona ngenxa yokuthi bengingakwazi ukufunda into esuke ibhalwe ebhodini lokufundela, futhi ngingakwazi ukufunda into esuke ikhonjwa wofundisayo. Bekudingeka ukuthi ngincike kwabanye ozakwethu nabasizi babafundisi bethu ukuqonda okufundwayo, obekwenza ngisalele emuva kwabanye. Manje sengizokwazi ukufunda ngendlela ejwayelekile nefana neyezinye izitshudeni," kusho uSello ngenjabulo.

Inhloko yophiko olubhekele izitshudeni ezikhubazekile e-UKZN, uMnuz Amith Ramballie, uthe baziqhenya kakhulu ngokuthi babe yisikhungo sokuqala ezweni ukwenza lolu hlelo oluzoba wusizo kangaka ezitshudenini abakwazi ukuzihlomulisa kulona, akholwa wukuthi kuzosiza ukukhuthaza nabezinye izikhungo ukusika iphethini kubona, bahambe ezinyathelweni zabo.

"Lezi zibuko zikhombisa ukuzibophezela kwethu ukuthi zonke izitshudeni zingathiywa lutho ekufundeni kwazo, nokuthi sibe ngabokuqala ukwenza into enjena kuzosiza ukuqhubeka kukhuphule inyuvesi yethu ize ifinyelele kwelinye izinga eliphezulu," kusho uRamballie.

UMnuz Mukthar Khan weSensor Solutions eyenza lezi zibuko, uthe ukuzibophezela kwe-UKZN ukuphucula impilo yezitshudeni  ngobuchwepheshe besimanje kwenze bangacabanga kabili sebenquma ukuthi basebenze naye ukufeza umbono walolu hlelo.

"Manje sekusele ezitshudenini ukusebenzisa amathuba afuze leli ukufeza amaphupho azo ukusiza ukuthi zibe nempumelelo empilweni futhi zithuthukise amakhono aze ehlukene ukusuka manje kubhekwe phambili," ksho uKhan.