INYUVESI yaKwaZulu-Natal iyaziqhelanisa nezikole zokuphucula imiphumela ka-matric okuthiwa zikhohlisa umphakathi, ngokuthi zisebenzisana nalesi sikhungo.
Njengoba sekusondele isikhathi sokubhala kulabo bafundi abathola imiphumela engagculisi ezifundweni ezithile ku-matric wanyakenye, i-UKZN seyixwayise umphakathi ngokuthi akukho okuyihlanganisa nezikole zokuphucula imiphumela futhi akukhathalekile ukuthi zisebenzisa maphi amagama.
Obambe njengoMqondisi wezokuXhumana kule nyuvesi uNksz Normah Zondo, uthe abazali nabafundi kumele bavule amehlo uma abanikazi balezi zikole bebatshela ukuthi basebenzisana nenyuvesi.
“Sekufikile kuthina ukuthi abanikazi abehlukene bezinye zezikhungo bafaka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi basebenzisa ne-UKZN, ngenhloso yokuthola ukwethenjwa wumphakathi. Lokhu kuyadukisa futhi kungamanga, njengoba inyuvesi kungekho sikole salolu hlobo esingaphansi kwayo,” kusho uNksz Zondo.
Uthe kulezi zinsuku bathola inqwaba yemibuzo mayelana nalezi zikhungo kodwa bafuna ukukubeka kucace ukuthi asikho isikhungo noma isikole salolu hlobo abasebenzisana naso.
“Sinxusa bonke abafundi baka-grade 12 no-11 nabazali ukuthi baqaphele uma bethenjiswa ukuthi bazobekelwa isikhala nendawo yokuhlala kule nyuvesi. Noma ngabe iyiphi imali ekhokhwa kulezi zikole ngethemba lokubekelwa isikhala noma indawo yokuhlala enyuvesi, ilahliwe futhi inyuvesi ngeke izihlanganise naleso sigameko,” kusho uNksz Zondo.
Uveze ukuthi noma ngabe yisiphi isikhungo noma isikole salolu hlobo esifaka igama noma i-logo yale nyuvesi uma sikhangisa nakwisezincwadini zaso zokwenza isicelo, senza ubugebengu ngakho sizothathelwa izinyathelo zomthetho.
Unxuse umphakathi ukuthi ubike ngalesi senzo kwinombolo ethi: 0800 203 285 noma kwi- email: [email protected]
Ugcizelele ukuthi ukufakwa kwezicelo zokufunda e-UKZN ngonyaka ozayo kumele kwenziwe ngokwehhovisi elamukela izicelo zokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, i-Central Application Office (CAO).
Uthe bazoba nezikhala ezibaliwe emikhakheni ethile kulabo abazofuna ukubhalisela ukuthathwa ngesigaba sesibili salo nyaka, kanti nakho kuzosetshenziswa indlela efanayo yokufakwa kwezicelo.