I-NYUVESI iKwaZulu-Natal ithi izobathathela izinyathelo zomthetho abathinteka emkhankasweni wokugqugquzela izitshudeni ukuthi zishiye izindawo zokuhlala ezingaphansi kwale nyuvesi, zithutheleke kwezizimele.
Oyibamba loMqondisi wezokuXhumana kule nyuvesi uNksz Normah Zondo, uthi sekufikile kubona ukuthi kunabathile abaqhuba lo mkhuba ngenhloso yokuphoqa inyuvesi ukuthi iqashe lezi zindawo zokuhlala ezihhaliselwa izitshudeni ukuthi zihlale kuzo.
“Ubufakazi esinabo buthi abenza lokhu bathembisa izitshudeni ukuthi zizohlomula okuthile ngokushintsha izindawo ezihlala kuzo. Kuphinde kuvele nokuthi babuye bazisabise kwesinye isikhathi bazihlukumeze. Inhloso yalo mkhankaso wabo ukuzama ukuphoqa inyuvesi ukuthi isayine inkontileka yokuhlala kwezitshudeni kulezi zindawo ekubeni izikhawo zakhona azikho ezingeni lezindawo okumele zihlale izitshudeni futhi okungalandelwa imigomo nemithetho yenyuvesi,” kuchaza uNksz Zondo.
Unxuse izitshudeni nabanikazi bezindawo zokuhlala ezingaphansi kwenyuvesi ukuthi uma kukhona izinsolo abahlangabezana nazo bazibike ngokushesha kule nombolo yamahhala ethi: 0800 203 285 noma kwi- email ethi; [email protected].
Uqinisekisile ukuthi kuzokwenziwa umbiko ngalolu daba emahhovisi akwaRisk Management Services, akhona kuzona zonke izikhungo zenyuvesi ngenhloso yokuvulela abenza lokhu amacala obugebengu. Uthe abanikazi balezi zindawo ngeke bakhokhelwe yinyuvesi kanti izitshudeni ezivume ukususwa ezindaweni ezingaphansi kwenyuvesi uma kukhona okuzehlelayo, inyuvesi ngeke izihlanganise nakho.