INYUVESI yaseKapa (UCT) isiqalile ukwenza imizamo yokugcina izinto ezibalulekile zasomtapweni wolwazi iJagger library eyasha ngenkathi kunomlilo ngeledlule.
UPick’n Pay kanye nenkampani ekhiqiza amabhokisi athutha izinto zasezitolo uCHEP banikele ngamakesi awu 2000 ngoLwesihlanu ekuseni eUCT. Inyuvesi yacela ukuba noma ngubani aphonse isandla njengoba ibhekene nalesi simo/
U-Ujala Satgoor oyisikhulu esiphezulu somtapowolwazi wase UCT uthe isikhathi esinzima lesi eNyuvesi nomlando wayo njengoba bezilela ukulahleka kwendawo ebalulekile esikhungweni.
“Sesiduduzwa ukuthola usizo oluqhamuka nhlazonke. Namhlanje sibonga uPick’n Pay neCHEP ngomusa abasikhomise wona, basizwa sikhala. Sesizokwazi ukuqhubeka nohlelo lokugcina izinto zethu ezibalulekile,” Kusho uSatgoor.
USuzanne Ackerman-Berman oyisikhulu esiphezulu sase Pick’n Pay, uthe okubenze bangenelela ukuthi umtapowolwazi iJagger awubalulekile eKapa kuphela kodwa ezweni lonke.
Uqhube wathi akusiwona nje kuphela umtapowolwazi abebewucabangela kodwa bebekhathazekile nangezindawo okumele zilungiswe kulesi sikhungo esinomlando omude eNingizimu Afrika futhi esesikhiqize izifundiswa eziningi kuleli.
Izitshudeni zibuyele emakilasini kuleli sonto e-UCT.