BANGU-62 000 abahola impesheni KwaZulu-Natal okuthiwa abakawenzi amakhadi amasha njengoba sekuzonqanyulwa ukuwasebenzisa maduze.
Lokhu kushiwo uMnuz Mbizeni Mdlalose okhulumela abakwaSouth Africa Social Security Agency (Sassa) esifundazweni, onxuse ukuthi njengoba sekuqalile ukuholela abantu basale sebeshaya namakhadi amasha.
Phezu kokuba kuvalwa ukuholela impesheni ngoDisemba 14 njengoba kuqale ngoLwesithathu, uMdlalose uthe abahola emabhange nasePosini abaphoqiwe ukukhipha imali ngaphambi kwalolu suku lokuvala.
Ukuholela ngalesi sikhathi kwenzelwa ukunqanda isiphithiphithi sikaDisemba njengaminyaka yonke. AbakwaSassa baxwayise ngokuthi umholo olandelayo uyoze ube ngoJanuwari, okusho ukuthi kumele bazicabangele.
“Siqalile ukuholela ezikhungweni kodwa imali esekhadini ngeke iye ndawo ngisho sekudlule uDisemba 14. Okusiphatha kabi yilesi sibalo sabantu abasasebenzisa amakhadi amadala ngoba uma bengawenzi amasha bazoba nenkinga ngempela ngoJanuwari.
“Kumele kushaye uDisemba 10 sebewashintshile ngoba uma kungenjalo ngeke bahole nhlobo ngoJanuwari. Akusagcwali ePosini futhi kuyashesha nokwenza ikhadi,” echaza.
Mayelana nokuvalwa kokuhola ngoDisemba 14, uthe kushiwo kulabo abayithola ezikhungweni kuphela. Uthe ngoJanuwari konke kuzobuyela esimeni esijwayelekile, ukuhola kuzoqala ngomhlaka 1.
UMdlalose unxusa abantu ukuthi bavuselele amakhadi nje, kukhona abakhalayo ngokuqolwa izimali zabo ezikhishwa emakhadini bengazi. Isolezwe selibike izikhawu ezimbili ngabakhishelwa imali emakhadini, ekhishwa kwenye indawo.
UNksz Nobuhle Njapha okhulumela abePosini eKZN uthe ukuholela kuqalile futhi kuhamba kahle.
Ukuqinisekisile ukuthi abahola ePosini imali bangayikhipha noma yinini ngisho sekudlule umnqamulajuqu wokuholela.
Kuthiwa babalelwa ku-500 000 kulo lonke elakuleli abangakawashayi amakhadi amasha okuhola.
OyiNational Advocacy Manager yeBlack Sash uMnuz Hoodah Abrahams-Fayker ugcizelele ukuthi abantu bawashintshe amakhadi okuhola ukuze bangabi nenkinga ngoJanuwari.